Ukhethe ukuzilengisa ‘ehalela’ ingoduso yomuntu

2012

NOMFUNDO NGWANE

UKHETHE ukuziyisa kwagoqanyawo ngeSonto owesilisa waseMalukazi, ngaseMlazi ngoba ekhala ngokuthi akakwazi ukuphila ngaphandle kwengoduso yomuntu abanjwa nayo oqotsheni emasontweni amabili adlule. 

UMnu Simphiwe Maluleka (26) ongowaseHlokozi, kodwa obesehlala eMalukazi, kuthiwa unqume ukuzilengisa ngoba umyeni wengoduso emtshele ezimpempeni ukuthi makahlukane nayo uma esafisa ukuphila, kanti yena ubekhala ngokuthi akafisi ukuhlukana nalona wesifazane. 

Ilungu lomndeni kamufi, uNkz Mabuyi Maluleka, litshele ILANGA ukuthi umufi unquma ukuzibulala nje, wabanjwa nalona wesifazane endlini yomyeni wakhe emini kwa bha. 

“Indoda engeyokufika kuleli, yababamba yabe isizongilanda ifuna ngiyozibonela uSimphiwe evalelene nengoduso yayo. Kayizange imulwise ngesikhathi ibabamba, kunalokho yangidonsa ngendlebe yathi mangimkhuze ahlukane nengoduso yayo ngoba uma kungenjalo, izomenza isilo sengubo. 

“Kusukela ebanjwe nale ntombazane, isimo sakhe savele sashintsha, ubesehlala edakiwe ekhala ngokuthi ngeke akwazi ukuhlukana nayo, uyayithanda futhi basuka kude nothando lwabo. Uze wasitshela ukuthi baqala ukuthandana ngo-2014,” kusho uNkz Maluleka. 

Uqhuba ngokuthi selokhu uMnu Maluleka wabanjwa nalona wesifazane, ubesebephila impilo yokuhlala bemgadile, kwazise  ubelokhu ebabikela ukuthi uzozibulala.

“Ngize ngazama nokuthi ngibize yona intombazane ukuthi ikhulume naye, imncenge ukuthi angazibulali. Kusukela ngesonto eledlule, ubehamba etshela bonke abantu ajwayelene nabo ukuthi usezohamba emhlabeni, ucela bamxolele uma kukhona abona ngakho. 

“Okusiphathe kabi wukuthi uzibulala nje, ushiye izingane ezimbili esingazi nokuthi sizozondla ngani, enye intombazana abethandana nayo ikhulelwe,” kusho uNkz Maluleka. 

Uthi ngeSonto umufi uvuke wayophuza njengenjwayelo, wabuyela kubo eseyovalelisa, washo ukuthi useyozilengisa. 

Utshele ILANGA ukuthi ubengekho yena ngesikhathi umufi evalelisa, bekukhona izingane ezizamile ukumlandela ngesikhathi eya ngasehlathini eliseZimbokodweni, kodwa wazisabisa ngokuzishaya, ethi mazigoduke. 

Uthi ubuye ntambama izingane zamtshela ukuthi uMnu Maluleka ungene ehlathini wathi uyozilengisa. 

“Siphuthume khona simbheka, kwasho ukuthi besekuqala ukuhwalala, sazesayolala singamtholanga. NgoMsombuluko sivukele kulona ihlathi sazithela phezu kwesidumbu sakhe silenga,” kusho yena. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthi amaphoyisa avule idokodo lophenyo ngokutholakala kwesidumbu sowesilisa silenga esihlahleni ngoMsombuluko.

Previous articleIPirates engcupheni yokushiywa nguMhango
Next articleLehliselwe esigabeni sokuqala izwe