Kuthiwa ngaphambi kokuba “inkabi” izibulale ngokuzilengisa, ibisilihlanzile lonke iqiniso ngoyithumile
NONHLAKANIPHO SHINGA
“INKABI” igonyuluke ngetulo lokubulala induna nokuthi ibithunywe ngubani qede yazilengisa yafa, isaba ukuthi oyithumile uzoyenzakalisa njengoba isihlanze lonke iqiniso. Kusolwa umbango wesikhundla sobuduna, ngaphansi kobukhosi bakwaLushaba, oShabeni, ePort Shepstone, kulandela ukuzibulala kowesilisa “oyinkabi”, okuthiwa ngaphambi kokuzibulala, uthe ubethunywe ngomunye ukuba alandelele uMnu Thulasizwe Philani “Dr Skhuni” Khumalo ongumfundisi, oqokwe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule njengenduna yesigodi saseNkulu. Kuthiwa inkabi ibanjwe ngeledlule ezintathakusa emagcekeni kaMnu Khumalo, okuthe uma iphonswa imibuzo, yalihlanza lonke iqiniso lokuthi ibithunywe ngomunye wasendaweni obesohlwini lwababegaqele isikhundla.
Kuthiwa umbango wesikhundla uqale ukushisa ngasekupheleni konyaka odlule. Kuyiwe okhethweni uMnu Khumalo kuthiwa wayesehlaselwe kwaze kwakabili. Kuthiwa uqale wahlaselwa ngamadoda ayephethe izibhamu emzini wakhe kodwa angamfica, okwesibili ashisa enye yezindlu zakhe ezitshela ukuthi uphakathi. ILANGA likhulume noMnu Khumalo, oveze ukuthi isigameko sakamuva simphoxe kakhulu ngoba ‘inkabi’ ngumfana wasendaweni abemazi kakhulu. Uthi ngesikhathi ihlanza iqiniso, imtshelile nomuntu obeyithengile. “Lesi sigameko senzeke ngingekho ngisenkonzweni, ngathola ucingo kumama ukuthi kukhona umuntu osebanjwe egcekeni, othi ubethunywe ukuzongibulala.
“Ngithuke ngoma ukuthi ngumfana wasendaweni ebengimazi ngisho nomndeni wakhe, wabe esexolisa, esho ukuthi usenamasonto amathathu engilandela. Uveze ukuthi ngeSonto kwakuwusuku okwakumele ngibulawe ngalo njengoba ayezobheka ukuthi ngilele kuyiphi indlu, bese kuthunyelwa izinkabi zizongidubula,”kusho yena.Uthe ‘inkabi’ yayilokhu ixolisa, icela ukuboshwa ngoba isabela impilo yayo ukuthi kayisaphephile njengoba isiveze abantu abayithumile. ILANGA liyizwile inkulumo eqoshiwe lapho ‘inkabi’ icela kuMnu Khumalo ukuba ayibophise okungcono kunokuthi ibulawe. “Ngibize amaphoyisa ukuba azozizwela, okuyilapho (‘inkabi’) icele khona ukuthi iboshwe. “Nginqabile ukumvulela icala lo mfana ngoba ngazi umndeni wakhe, nanokuthi kasikho isikhali abesiphethe futhi kangiyena umuntu othanda ukukhuluma,” kusho uMnu Khumalo.
Uthi amaphoyisa ayithatha ‘inkabi’ iyobhalisa isitatimende, kodwa abuye ayidedela. Kuthiwa ‘inkabi’ ikhombe omunye wabebengenele ukhetho yambiza ngegama (igama lakhe ligodliwe), ithi nguyena obeyithumile. Kuvela ukuthi ngemuva kokudedelwa ngamaphoyisa, ibuyele kubo yatshela uyise ngokwenzekile, yangena endlini yayo yazikhunga. UMnu Khumalo uthi kwasona lesi sikhundla wayengafuni ukusingenela kodwa ngoba kunamalungu omphakathi amcela ukuba angenele, ethi ayamethemba ukuthi ukhona umehluko angawenza. “Ngasaba ukubaphoxa ngase ngiyangenelela okuthe uma sekuyiwa okhethweni, ngafike ngadla umhlanganiso.
Ngithe uma sengiya emzini wenkosi, ngatshelwa ukuthi kukhona abakhalazile ngokhetho, ngakho-ke udaba seludluliselwe kwaboMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu. “Nakhona lapho kangibanga nankinga njengoba sengehlelwa yilesi sigameko,” esho. Uthi okunye okumenze wakhetha ukuvuma yingoba ngisho kunezehlakalo ezikhona endaweni, umphakathi ujwayele ukucela kuyena usizo. “Ngiyawuthanda umphakathi wakithi nendawo esakhele kuyo. Ngisho inkosi iyaye ingithinte uma kukhona lapho ifisa ngilule khona isandla. Kwayona le mali yokuba yinduna bengihlose ukuthi uma ngiyihola, ngizofundisa ngayo izingane zasendaweni amalayisense okushayela,” esho. Leli phephandaba lixhumane neNkosi uLushaba, yathi kayikwazi ukuqinisekisa ukuthi lezi zigemegeme ziyamene nesikhundla
sobuduna, kodwa angakuqinisekisa wukuthi izigameko lezi ziqale ukwenzeka kuyiwa okhethweni.
“Kuliqiniso ukuthi imindeni ngiyibizile ngemuva kwesigameko sangeSonto, kodwa uMnu Khumalo uthe umoya wakhe usephezulu, akakwazi ukukhuluma ngabe sengiwuhlehlisa. Kuwona bengibize yena, umndeni woshonile nalona okuthiwa igama lakhe libizwe ngumufi, ukubhula umlilo nokuthi bathelelane amanzi,” kusho iNkosi Lushaba. Okhulumela amaphoyisa, uCol Robert Netshuinda, uqinisekisile ukuthi kunamacala okuzama ukubulala nokusabisa aphenywa ngamaphoyisa aseMehlomnyama.