UKHISHWE NGAPHANSI KWEMIGOMO ENZIMA UNGIZWE

291

UDABA NGU: MTHOBISI SITHOLE

UNGAPHANDLE ngebheyili owayengumsakazi woKhozi FM uNgizwe Mchunu obevele namhlanje enkantolo yeMantshi eRandburg, eGoli.

Inkantolo imkhiphe ngebheyili ka-R2000 emuva kokuneliseka kwayo ngezethulo zabameli bakhe zokuthi kungani kufanele athole ibheyili.

UMbuso ubukade uyichithile ibheyili izolo ngezizathu zokuthi uNgizwe uyingozi ekubalekeni kule lizwe. UMbuso uthe uma ubheka umlando wakhe, kuyavela ukuthi usehambele amazwe okubalwa i-UAE ne-USA kanti unane-visa njengamanje ezophelelwa yisikhathi eminyakeni emithathu ezayo. Kuvezwe nokuthi njengoba ayekwazile ukubaleka ngendiza kanokusho iPrivate Jet eGauteng, elibangise KwaZulu-Natal ngenxa yokuthi wayesezwile ukuthi ufunwa ngamaphoyisa, lokho kunobungozi ekutheni usengaphinda abalekele umthetho.

Nokho ugcine eyitholile ibheyili namuhla. Ubhekene necala lokuphehla udweshu.

Ukhishwe ngaphansi kwemibandela njengoba icala lihlehlele umhla ka-21 kuMfumfu (October). Imibandela abekelwe yona ngethi akavumelekile ukuhlanganisa abantu athule izinkulumo,  kakumele aphawule ezinhlakeni zokuxhumana ngezinto ezigqugquzela udungunyane, akavumelekile ukuphuma eThekwini ngaphandle uma eya ecaleni futhi akavumelekile ukutholakala ngaphakathi kwabantu abaningi noma ukwenza umcimbi.

Inkantolo ithe ibone kufanele adedelwe ngoba akakaze aboshwe futhi akayona ingozi kodwa akavumelekile ukuba wuvanzi nokuhlangana nabantu abaningi.

I-passport yakhe ne-visa kuthathiwe, kwagcinwa ngabomthetho.

Previous articleKukhishwa uNyazi endlini yaseBuhleni
Next articleUsezokhalela kwi-relay umgijimi ophoxile