UKhisimusi omnyama kushona abawu-5

202

NONHLAKANIPHO SHINGA

UKHISIMUSI omnyama kushona abahlanu kwathi abanye bamuka, ngemuva kwezikhukhula ezinamandla ngeSonto ebusuku eMnambithi. Ngokusho kwaboMnyango wezokuBusa nhokuBambisana nezoMdabu esifundazweni KwaZulu-Natal, endaweni yaseBellspruit, kubhidlike udonga lomfula ngemuva kwemvula enamandla, okuholele ekutheni kwenzeke lesi sigameko ngezikhathi zabo-23:00 ebusuku. Abezimo eziphuthumayo babe sebejutshwa ukuyolekelela kulesi sigameko lapho bekwazile ukuthola izidumbu zabahlanu kanti abayisithupha ababakotholakali.

“Okwamanje kusatholakale izidumbu zabahlanu kanti abayisithupha abakakotholakali basathungathwa,” kusho isitatimende. Umonakalo kulendawo ube mukhulu njengoba kubhidlike imigwaqo, kwanomonakalo owenzekayo ezindlini kwaphinde kwanamabhizinisi athintekayo.

“Sikhalisana nemindeni elahlekelwe yizihlobo zayo ngesikhathi lapho imindeni eminingi ihlangene ibungaza uKhisimusi ndawonye. Amathimba ezimo eziphuthumayo azoqhubeka nokubheka abangakatholakali. Siyacela ukuthi izakhamuzi ziqaphele njengoba abesimo sezulu beveza ukuthi kusazoba nezimvula esinamandla nezingenza kube nomonakalo,” kusho uMnyango

wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleIngwazi yaseCameron ecaleni lesondlo
Next articleUkhonjwe indlela umqeqeshi we-Richards Bay