Ukhonjwe indlela umqeqeshi we-Richards Bay

201

IRICHARDS Bay FC ebhinjelwa izinto kwiDStv Premiership isimemezele ukuthi isikhombe indlela umqeqeshi wayo uKaitano Tembo.

Lo mqeqeshi uxoshwa nje, ngoMgqibelo bahlulwe yiKaizer Chiefs ngo 1-0 kanti kumanje ilele unombolo 15 kwi-log ngamaphuzu alishumi emidlalweni ewu-15. Kwisitatimende iNatal Rich Boyz ithe izintambo zizobanjwa uVusumuzi Vilakazi.

Previous articleUKhisimusi omnyama kushona abawu-5
Next articleUngqongqoshe wezempilo wamukele izingane ezizalwe ngoKhisimusi