Ukhonjwe indlela umsakaziobemisiwe oKhozini FM

859

Okhulumela lo msakazo uthi akukho okuwuhlanganisa nenkampani kaSbu

NGUSBU Buthelezi

LIGCINE ligqabukile igoda phakathi kwesikhondlakhondla somsakazo uKhozi FM, nomsakazi obesekuphele izinyanga ezingaphezu kwezintathu engazwakali emoyeni emisiwe, uSbu Buthelezi, kulandela izinsolo zokuwaka abalaleli ngenhloso yokuba batshale imali enkampanini yakhe i-Abombuso Investments. ILANGA lithole ukuthi ngemuva kophenyo olunzulu oluqhutshwe ngaphakathi,izikhulu zalo msakazo zibe sezithatha isinqumo sokunqamula inkontileka yalo msakazi obeshayela uhlelo lwezenkolo ngeSonto olubizwa ngokuthi, Indumiso.


Ngokusho komthombo, lo msakazi phakathi kwezinto akhonjelwe zona indlela wuhlelo lwenkampani yakhe abebuye akhulume ngalo emsakazweni, enxenxa abantu ukuba bathenge izinkukhu ukuze bangene ebhizinisini futhi baphinde bahlomule umvuzo wemali yabo isiphindiwe. Kuthiwa iningi labantu abawake kulolu hlelo lwabo babikela abaphathi balo msakazo, bekhala ngokuthi bona bezwa ngalo emsakazweni, ngakho bafisa kube khona okwenzekayo njengoba bengasayitholi imali yabo. Iphephandaba ILANGA like labika ngabantu abahlukene abazwakalise ukukhala kwabo “ngokuwakwa” yilo msakazi ngemuva kokumiswa kwakhe.


Omunye walaba nguNkk Thembi Phoswa, waseLovu owatshela leli phephandaba ukuthi wafaka imali elinganiselwa ku-R35 000 kule nkampani. Uthi ngemuva kwesikhashana wathola umyalezo othi le mali isizalile njengoba isifinyelele kuR70 000. Uqhuba ngokuthi waphinde wayitshala le mali kodwa kuthe sekumele ayithole kwabe sekubikwa imbiba nebuzi. Emuva kokumiswa kwalo msakazi kusaqhubeka uphenyo, uNkk Phoswa uthi wathola umyalezo othi ngeke esakwazi ukuthola uR70 000, kodwa sekuzobuya leyo ayifaka. Baningi nabanye abakhale esifanayo ngalo msakazi njengoba bebelindele ukuzuza kulolu hlelo abebeluthemba.

Leli phephandaba laphinde labika ngowesifazane waseMgungundlovu owayetshale imali engango-R25 000, ogcine efaka udaba lwakhe kubammeli kulandela ukungayitholi kwakhe inzuzo ayethenjiswe yona. Okhulumela i-SABC uNkk Ndileka Cola, ukuqinisekisile ukunqanyulwa kwenkontileka yalo msakazi. Uthi lokhu kulandela izinsolo ezinqala lo msakazi abebhekene nazo ezithinta ibhizinisi lakhe elingahlangene ne SABC. Uthe izikhulu zoKhozi FM zifuna ukukucacisa ukuthi akukho okuhlanganisa lo msakazo nenkampani kaSbu ebizwa ngokuthi Abombuso Investments.


Ngesikhathi emiswa lo msakazi, wayemiswe nabanye abasakazi okubalwa kubo uSipho “Sgqemeza” Mbatha noMandla “Njinji” Magwaza bona asebebuyelile emsebenzini. UNkk Cola uthe uThembeka Zondo Cele uzoqhubeka nokubamba uhlelo Indumiso kulo msakazo kuze kube kuphuma isimemezelo esisemthethweni ngokuhamba kwesikhathi

Previous articleUvukwe wumunyu enikelelwa ngendlu
Next articleUbona okungase kube yisithiyo kwiChiefs