UKhoza uphumela obala ngokuhlukana noMkhokha

259

NONHLAKANIPHO SHINGA

UPHUMELA obala ngokushiya emdlalweni kamabonakude, Umkhokha: The Curse, uMbuso Khoza, emuva kokuqubuka kwezinkulumo zokuthi uwushiye ngenxa yokungaboni ngaso linye noDuma KaNdlovu, ongumqondisi wawo. Kulo mdlalo – okhonjiswa kuChannel 161 ngo-20h30 phakathi nezinsuku – uKhoza ubedlala indawo kaMaphalala.

Akukhona okokuqala eshiya kuwona njengoba endaweni yakhe kwangena uLangalakhe “Mangethe” Zwane. UKhoza uthi kungamampunge ukuthi ushiye Umkhokha ngenxa yokungaboni ngaso linye noKaNdlovu. Uthi besekuphele inkontileka abenikwe yona.

“Kubalulekile ukuba singajahi ukubona ingxabano nalapho ingekho khona, ikakhulukazi ezintweni ezinezinkontileka phakathi,” kusho yena. 

Uthi uyakuqonda ukuthi kungenzeka abadidiyeli bangayivuseleli inkontileka yakhe ngoba bayazi ukuthi ungumuntu omatasa ngomculo. Ngemuva kokusabalala kwezikhalo ezinkundleni zokuxhumana, uKhoza ubhale ekhasini lakhe le-Instagram, wathi:  “Ngibheke amathuba amasha, uma eqhamuka, ngizowathatha ngezandla zombili kodwa okwamanje ngibonga ithuba lokukhombisa ngekhono ebengingazi ukuthi nginalo.”

Leli ciko lingomunye wabantu abaziwa ngokuba wumbele ogwansile uma kukhulunywa ngomlando, umculo namahubo kaZulu. Lingomunye wabaculi ababhale umculo ovusa usinga emdlalweni iShaka Ilembe. Lithi lisanda kuqopha neqembu lalo, Ijadu le Afrika, i-albhamu enamahubo akhuluma ngamakhosi awu-7 aKwaZulu ngokulandelana kwawo.

Liveze ukuthi limatasa ngomncintiswano wamakhwaya azocula amahubo aKwaZulu, okuyobe sekukhethwa kuwona, kwakhiwe iqembu elizokwaziwa ngokuhuba la mahubo.

Liveze ukuthi sevulile isiza nga kubo eShowe, lapho kuzokwakhiwa khona isikole salo, iMbuso Khoza Insitute for Culture, lapho kuzobe kufundwa khona ngomculo, umlando waKwaZulu, ulimi lwesiZulu nomlando womhlaba.  

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleSesiphenduke “isibaya” semfuyo eyebiwe isiteshi esashiywa ngamaphoyisa
Next articleSezihubela sakusha ngezitatimende zabamangalelwa kwelokubulawa kukaMeyiwa