UKhozi nesinqumo ngekusasa likaTshatha

876

Lo msakazi uphumele obala waxolisa ngesenzo sakhe

MTHOBISI SITHOLE

UMSAKAZI woKhozi FM uKhathide “Tshatha” Ngobe usazoke angezwakali emoyeni emva kwesigwebo.

IGWETSHWE ukungazwakali emoyeni kuze kuphele uNdasa (March) intandokazi yomsakazi woKhozi FM, uKhathide “Tshathugodo” Ngobe mayelana nokuloba ezinkundleni zokuxhumana izinto ezithunaza igama lomqashi wayo. 

Kuzokhumbuleka ukuthi isematheni indaba yokumiswa kwalo msakazi odabuka KwaNongoma mayelana nombhalo owawucacisa ngomkhankaso wengoma yokuhlukanisa unyaka lapho wathi: “Ngo-2005 empeleni kwaba uShwi noMtekhala owadla ubhedu ngalowo nyaka. 

“Unyaka wawuhlukaniswa yimina noLinda Mr Magic, kwaba nesizathu esaholela ekutheni kube yiMalaika ehlukanisayo, uShwi walala isibili ukuba lona obebhala lolu hlu lomlando uthe u-2005 Malaika/Shwi ngabe kuzwakala kahle-ke ngoba zabambana lezi zingoma.

“Okunye okwethusa wukuthi umasikandi ugile leziya zimanga ezagilwa nguShwi, manje-ke kwakungelula ukuthi kube umasikandi owehlukanisayo ngoba kwakungakaze kwenzeke ukuthi ingoma kamasikandi ibe kuleliya zinga futhi kwaba novalo lokuthi abantu bazokwemukela kanjani lokho. 

“Abaphathi bangaleso sikhathi bagcina bethathe isinqumo sokuthi kube yiMalaika nakuba izwe lonke lalilindele ukuba kuqopheke umlando kube uShwi owayevimbanise izwe lonke. Yinga-kho kwaba yiyona eyadlalwa kabili ingoma kaShwi ngaphambi kweMalaika nangemuva kwayo. 

“Khumbula phela ukuthi kwakungavotwa ngaleso sikhathi, ngakho-ke akubanga nankinga ngalokho futhi kwakuyinhloso emsulwa nje nabalaleli bangaba nankinga. Ukuvotela ingoma ehlukanisa unyaka kwaqala ngo-2009,” kusho umbhalo. 

Okhulumela iSABC engunina woKhozi uNkz Mnoni Seapelelo, uthe uphenyo lwaleli cala seluphothuliwe, uTshatha ngeke azwakale emoyeni kuze kuphele uNdasa. 

Uthe lo msakazi wayengagunyaziwe ukubhala lo mbhalo owalimaza igama leSABC, ikakhulukazi uKhozi FM, futhi wabhadlaza amagama amaciko ekubeni le nhlangano iyihlonipha kakhulu indima yomculo. 

UTshatha usephumele obala washweleza ngesenzo sakhe. Uthe uyaxolisa kakhulu enhlanganweni ayisebenzelayo. Uveze ukuthi empeleni zonke izinkulumo ezithinta iSABC, kumele ziqhamuke kusomlomo wayo, hhayi kuyena njengesisebenzi. 

“Ngicela ukuthatha leli thuba ngishweleze ngombhalo engawubhala ngiphawula kwenye yemibhalo eyayikhuluma ngomlando wezingoma ezake zahlukanisa unyaka oKhozini FM. 

“Ngiyaxolisa kakhulu enhlanganweni engisebenza ngaphansi kwayo noKhozi FM ngalesi senzo sami. Ngiphinde ngixolise nasemaqenjini omculo, iMalaika no-Shwi noMtekhala, ngithi yobe zingane zakwethu. 

“Ngiyaxolisa futhi nakulabo esagcina singasakhulumisani kahle kuwona lowaya mbhalo owawukhuluma ngomlando wezingoma ezake zahlukanisa unyaka. Ngifunde lukhulu ngalesi sigameko nangengozi engadalwa ngamazwi abhalwa ezinkundleni zokuxhumana,” kusho uTshatha.

NgokweSABC, kuvunyelenwe ukuthi uTshatha axolise emphakathini ngalesi senzo sakhe. UTshatha ugcine ukuzwakala emoyeni ekuqaleni kwenyanga edlule.

Kufinyelela kulesi sigaba nje, ziyaphela izinkontileka zabasakazi ekupheleni kukaNdasa (March). 

UBongani Manyathi weqembu likaShwi noMtekhala, uthe akukaze kubahlukumeze okwakhulunywa nguTshatha futhi akuzange kulilimaze iqembu. 

“Kalikho igqubu esilibambile nathi, sisacela wona ushwele kubaqashi bakhe,” kusho uMnu Manyathi.

Previous articleI-ANC ayiliboni iphutha kuZuma
Next article07 February 2021