UKhozi nohlelo oluvulelekile ukuvala esikaBeekay

502

MTHOBISI SITHOLE

UZOTHUNGATHWA ngohlelo olukhethekile umsakazi ozovala isikhala sikaBheka “Beekay” Mchunu – osanda kwedlula emhlabeni – obeshayela uhlelo lukamaskandi, uSgiya Ngengoma, oKhozini FM. 

Ngokuthola kweLANGALempelasonto, uKhozi luzokwenza uhlelo oluvulelekile ukuhlonza lo msakazi ozongena ngokugcwele kulolu hlelo alekelelane noBingelela Mpanza obeyibambe noBeekay. Umthombo waleli phephandaba uthe uKhozi ngeke luthembele kwabanye abasakazi balo bakamaskandi ngoba kunezinye izinhlelo abazenzayo.

Umphathi wezinhlelo oKhozini, uNkz Pearl Maseko, umemezele ukuthi lolu hlelo luzobanjwa nguKhathide “Tshatha” Ngobe ngokubambisana noBingelela, kuze kube abaphathi bathatha isinqumo ngesikhala
sikaBeekay.

Lolu hlelo lusakazwe ngabasakazi abaningi kusukela kuWelcome “Bhodloza” Nzimande (ongasekho), lwaya kuTshatha oke walwenza noNgizwe Mchunu – osewaxoshwa kulesi siteshi – lwashayelwa nguZimiphi “Zim-dollar” Biyela, nguNkosinathi Mshengu noLucky Nkosi obelubamba ngezikhathi ezithile. 

Previous articleUvulelwe icala uthisha “oshise” umfundi ngamanzi e-radiator
Next articleKuzosina kudedelane abezinhlobo ezahlukene kokamaskandi