Ukhule eshanela umgwaqo uSuarez

720

Uke waba ngumdlali obiza kunabo bonke emhlabeni

MA ukhuluma ngegama likaLuiz Suares ongumgadli weBarcelona yase-Spain into ekufikelayo ngaye ngaphandle kokushaya kwakhe amagoli ngukuba luhlupho. 

Lo mdlali udume umhlaba wonke ngokushaya amagoli kodwa into aziwa kakhulu ngayo wukuhlupha nokwenza izinto eziphambene nomthetho enkundleni. 

Uthathwa njengomgadli ovelele emhlabeni njengoba engalibheki ipali. 

Usenqobe izinkomishi ezingu-18 selokhu eqale ukudlala ibhola esigabeni esiphakeme. 

Kuzona kukhona ezingu-6 zeligi azinqobe neBarcelona bese kuba nezeChampions League.

Useke wanqoba isicoco sokuba ngumshayi magoli emaligini ehlukene emhlabeni  okungabalwa kuwona eyaseNetherlands, eyase-England, waphinde waqumba phansi uLionel Messi noCristiano Ronaldo abebezenzela enqoba iPichichi ngo-2016.

IPichichi yisicoco esitholwa ngumdlali oshaye amagoli amaningi kunabo bonke kwiSpanish La Liga.

Lo mdlali uhlonishwa kangaka nje emhlabeni, ukhule isimo sinzima ekhaya, kwesinye isikhathi ubelala engadlile ikati lilele eziko. 

USuares uzalelwe eSalto, e-Uruguay okuyindawo edume ngenhlupheko.

Ungowesine ebafaneni abangu-7. 

Umfowabo omdala naye udlala esigabeni esikhokhelayo njengoba egijima kwi-Isidro Metapan yase-El Salvador.

Ngenxa yokuthi isimo besinzima ekhaya, umndeni wakhe uthuthele eMontevideo eneminyaka yobudala engu-7. 

Eseneneminyaka yobudala engu-9 abazali bakhe bahlukanise ifindo lo mshado impilo yavele yanzima kakhulu kunakuqala ekhaya. 

Ube eseqala edlala ibhola 

emgwaqeni abuye abambe amatoho okushanela umgwaqo.

“Ukuhlukanisa kwabazali bami ifindo lo mshado kwenze ngabona ukuthi kufanele ngizame indlela yokuphanta ukuze ngondle nami ekhaya. 

“Ngishanele umgwaqo ngicosha okuncane ngikunike umama ukuze kuhlanganiswe sithole okuya ethunjini. Ibinzima impilo yingakho ngilekelela kubantu abaswele ngoba ngiyakwazi ukuthi kunjani ukulala ungadlile, uvuke ungazi nokuthi uzodlani. 

Awukwazi nokucela komakhelwane ngoba kwabona badla imbuya ngothi,’’ kusho uSuares. 

Ukukhula kwakhe kanzima kutolikwa njengento okuyiyona emenza abe wuhlupho enkundleni.

Uqale ukudlala ibhola emabangeni aphansi egijima kwiNacional ngo-2003. 

Eseneminyaka yobudala engu-19 ebona ukuthi uza kahle ebholeni ubalekile ekhaya walibhekisa eNetherlands lapho efike khona wajoyina iGroningen. 

Ufike kule kilabhu wangacucuza wabhakuzisa inethi kungathi uyabukisa. 

Ube esethathwa yi-Ajax Amsterdam ngo-2007. 

Kube wukushintsha kwempilo yakhe njengoba efike kwi-Ajax waqhubeka lapho egcine khona wayishayela amagoli. 

Unqobe inkomishi yakhe yokuqala ngo-2010 ne-Ajax idla ubhedu kwiKNVB Cup. 

Kuphele isizini waqokwa njengeDutch Footballer of the Year ngenxa yokuthi ubeshaye amagoli ukubehlula bonke abadlali. 

Emuva konyaka efike kuleli qembu uphinde walisiza lanqoba isicoco seligi okuyilapho ehlanganise khona amagoli angu-100. 

Ukudlala kwakhe ngalolu hlobo kumdonsele izikhondlakhondla zamakilabhu ase-Europe ebezimfuna uthuli. 

Unqume ukujoyina iLiverpool ngo-2011. 

Uthe efika nje wayinqobisa isicoco seLeague Cup. 

Ngo-2014 unqobe umklomelo wePFA Player’s Player of the Year noweFWA Footballer of the Year, waphinde wazonqoba iPremier League Golden Boot. 

Ngayo le sizini unqobe umklomelo we-European Golden Shoe ngokuhlanganyela noCristiano Ronaldo obegijima kwiReal Madrid yaseSpain ngaleso sikhathi. 

IBarcelona ibone ukuthi iLiverpool kayimfanele yabe isimsayinisa ngetshe le mali.

Imenze umdlali obiza kunabo bonke emhlabeni. 

Uthe efika nje nakwiBarcelona wagila izimanga ebambisene noLionel Messi noNeymar Jnr. 

Ngesizini yakhe yokuqala iBarcelona inqobe izinkomishi ezintathu okuyiLa Liga, yiCopa del Rey ne-UEFA Champions League. 

“Kungijabulisile okwenzeke ngale sizini futhi iyona engingasoze ngayikhohlwa empilweni yami,’’ kusho uSuares.

Lo mdlali waziwa njengowuhlupho nje, wukuthi kunezigameko eziningi azenzile ezingakholakali ukuthi zingenziwa ngumuntu ophilile. 

Emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba ngo-2010 lapho i-Uruguay ibibhekene khona neGhana kwi-quarter final ubambe ibhola ngesandla seliyokweqa ulayini wegoli unondweba wabeka iphenathi. Ukhishwe ngekhadi elibomvu. 

U-Asamoah Gyan weGhana uyishwebile iphenathi iGhana yagcina ngokuphuma. 

USuares ube yiqhawe ezweni lakhe njengoba kucacele noma ngubani ukuthi ukube akalibambanga ngesandla ibhola ezakhe bezizokhishwa yiGhana.

“Kumanje angifisi ukuvakashela eGhana ngoba kangazi ukuthi abantu bakhona bangangenzani. 

“Ekugcineni ibhola linjalo ubutsotsi bubuye busebenze. Le-VAR ekhona izoqeda bonke lobu bu-mnandi bebhola yingakho ngingayithandi,” kusho uSuares.  

USuares useke wahlawuliswa kabili ngokuluma abadlali enkundleni. 

Ngaphandle kwalokho useke wangahambisana kaningi nesiqubulo se-FIFA esithi Fair Play nje-ngoba ubeke adayive unondweba ethengeke anikwe amaphenathi kungenasidingo. 

Uze wabizwa i-Europe yonke njengomuntu onamanga futhi oyiqili. 

“Umuntu uyakhula ngikholwa wukuthi konke lokho bengikwenziswa wubungane nokuthi bengihlale ngilangazelele impumelelo. 

“Kodwa ngikholwa wukuthi sengikhulile manje sengihluke kakhulu kunangesikhathi ngisengumfana,’’ kuphetha lo mdlali. 

Previous articleAkasayizwa iSuperSport ovuthayo kwiSwallows
Next articlele nto ye-lockdown izophela neminingi imishado