UKhumalo uchithwe yinkantolo kolokubuyiselwa kwesokuhola iMK

191

INTATHELI YELANGA 

UHLANGABEZANE nembibizane uMnu Jabulani Khumalo (okwesokunxele) echithwa yiNkantolo yezoKhetho – wayalelwa ukukhokha izindleko zayo – emizamweni yakhe yokubuyiselwa kwesokuba ngumengameli weMK Party namhlanje ngoLwesithathu. 

UKhumalo waxoshwa kuleli qembu ngoMbasa (April).  Unikele kule nkantolo efuna  iyalele i-IEC ukuba ikhiphe igama likaMnu Jacob Zuma njengomholi waleli qembu, kubuyiselwe elakhe kwazise nguyena owalibhalisa ngokusemthethweni. 

Kuvela ukuthi uKhumalo nguyena owabhalela i-IEC ukuba ikhiphe elakhe igama kufakwe elikaZuma. Lokhu uKhumalo uyachitha njengoba ethi incwadi kayibhalwanga nguyena nokusayina kwakhe kwakokotelwa.

Previous articleUvele enkantolo nesoka “odayise” indodakazi (13) yangcina ikhulelwe
Next articleI-ANC iphika eyokuxosha obeyimeya yeTheku “ngenxa yengcindezi yeDA”