SKHOSIPHI MTHEMBU
SIMUNCU isimo emndenini waKwaMakhoba, eThembeni, KwaDukuza, kulandela isigameko sokusha komuzi, kwafa izingane ezimbili zakhona ngoMgqibelo. Kunzima nokukhuluma kumalungu omndeni kaThandolwethu (10) no-Anele (3) Makhoba abashe ngenkathi igumbi abalala kulona lithungeleka ngomlilo ngempelasonto edlule. Kubikwa ukuthi laba bantwana baphuthunyiswe esibhedlela, bashonela khona ngeSonto ekuseni. Kakucaci ukuthi yini edale umlilo, kodwa kubikwa ukuthi isigameko senzeke ekuseni sekuvuke wonke umuntu, izingane zisahleli egumbini okulala kulona eyodwa yazo. UMnu Eddie Makhoba, onguyise kaThandolwethu, uthi indodakazi yakhe ishe nengane kamfowabo alamana naye.
“Le nto yenzeke uThandolwethu esevukile egunjini alala kulona, waya lapho kulala khona u-Anele, ngoba asondelene amagumbi abo. “Nathi besesivukile, unina esaphumile eye esitolo. “Sizwe sekumenyezwa, kukhalwa ngelangabi, esithe uma sivela, salibona limboze igumbi ebelihleli izingane. “Unina ka-Anele uzamile ukungena, wazifica izingane sezishile, zingemuva kukasofa, zizama ukubalekela umlilo. “Naye ushile kancane ebusweni njengoba ubezama ukusindisa izingane. Singenile nathi kodwa safika sekonakele njengoba bese zishe kakhulu emizimbeni, yize bezisaphila. “Siziphuthumise esibhedlela zafike zashonela khona,” esho. Uthe kusenzima ukwemukela ukufa kwezingane ngale ndlela. Uthi umndeni ushayekile njengoba behlala ndawonye, yena nomndeni kamfowabo.
UMnu Scelo Sithole, oyikhansela kule ndawo, uthe bazwile ngalolu daba, sebeyile nasemndenini ukuzama ukuwelekelela kulesi sikhathi esinzima obhekene naso. “Ngikhuluma nawo nje, umndeni sesikwazile ukuwuhlinzekela ngezimpahla zokulala njengoba kushe yonke into, ngosizo lwabezinhlekelele. “Kasigcinanga lapho, kodwa siwuxhumanisile nosonhlalakahle, engicabanga ukuthi bamatasa nawo, kodwa-ke okunye esisazokwenza kuzocaca uma isonto liqhubeka njengoba nemeya isazoya emndenini ukuyovela,” kusho ikhansela. Okhulumela amaphoyisa uLt-Col Robert Netshiunda uthe kuvulwe idokodo ngokufa
kwezingane kanti uphenyo
lusaqhubeka.