NONHLAKANIPHO SHINGA
UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waseMgababa, eThekwini, obengumshayeli wezimoto zakwa-Uber, okubikwa ukuthi udutshulwe wabulawa yiphoyisa lesifazane ngoMgqibelo eWinklespruit, ngaseManzimtoti, okungacaci ukuthi baqhathwe yini. Umndeni kaMnu Khethokuhle Mvuyane (26), uthi abantu abebekhona edutshulwa yileli phoyisa – okumanje lingaphandle ngebheyili – bathi akukho ngxabano ebekhona phakathi kwabo, kwazise bekukhomba ukuthi bebengazani kwakwazana.
Ekhuluma neLANGA uninalume kamufi, uMnu Nkosini Mvuyane, uthe: “Ngokuthola kwethu ngabebesemotweni, uKhetho ubehamba nje emgwaqweni kwaba nemoto ebihamba ngendlela engaqondakali phambi kweyakhe, igcwala umgwaqo, obekungathi abantu abakuyona bayaxabana. Bathi uzame intuba wadlula ukuze angagcini etheleleka ngamachaphazelo.”
Uthi kuvela ukuthi ngesikhathi edlula elibhekise eWinklespruit, ubone le moto imlandela waqhubeka nokuhamba. Kuthe uma epaka, kwehla lona wesifazane waqonda ngqo kuyena kwaba nokuhilizisana okungatheni. Laba abebehamba nomufi kuthiwa bavele bamangala nje ukuthi kwenzekani njengoba kuthiwa akubanga khona ukushayelisana kabi ngesikhathi imoto kamufi idlula obekukhona kuyona leli phoyisa. Kuthiwa umufi utshele leli phoyisa ukuthi uma kukhona akwenzile uyaxolisa.
“Lona wesifazane kuthiwa udonse isibhamu wadubula uKhetho esephakamise izandla exolisa, ebuza ukuthi wenzeni. Ubalekele esitolo esiseduze, lona wesifazane wamlandela wamdubulela khona ihlandla lesibili,” kusho uMnu Mvuyane. Uthi uthuke woma ngesikhathi ethola ucingo lokuthi sekwenzeke lesi sigameko ngoba umshana wakhe akayena umuntu onodlame futhi ubengeke alwe nomuntu womthetho.
“Zonke izingane ziyaganga, zinamaphutha kodwa kangikholwa ukuthi ukubulawa kwakhe ngesihluku esingaka bekuyinto emfanele. Kusishaqisile njengomndeni ukuthi kwayena umsolwa ngumuntu wesifazane onezingane, zishonephi izinseka lezi abantu besifazane abahlale bethi banazo?” kusho yena.
Umndeni uthe uzwile ukuthi umsolwa uboshwe ngawo uMgqibelo waphuma ngoMsombuluko. “Njengamanje silungiselela ukumfihla umfana. singasho nje ukuthi silahlekelwe ngoba ubesemncane kakhulu, unina kusekuningi abekulindele nakubheke kuyena. Sinethemba lokuthi ubulungiswa buzokwenzeka,” kusho uMnu Mvuyane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe umsolwa uboshwe ngoMgqibelo wavela eNkantolo yeMantshi eThekwini, wadedelwa ngebheyili, kukulindeleke ukuba abuyele enkantolo maduze.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za