Ukhuthaza abaculi ukuqamba amaculo amasha

103

LUCKY CAIN

UMAKADEBONA womculi we-gospel osekhethe ukuthi khumu ekukhiqizeni izingoma, ukhuthaza abeza ngemuva kwakhe ukuba bakhuthale ekubhaleni izingoma ezintsha zalolu hlobo lomculo. URebecca Malope ongomunye wabaculi baseNingizimu Afrika abahlonishwayo, uthi nakuba lo mkhakha uqhubeka nokukhula futhi nabantu bezifela ngawo, kodwa kusashoda ngasohlangothini lokukhiqiza izingoma ezintsha.

“Bakhona abeza kahle abaqhamuka nezingoma ezintsha nezithakaselwa ngabantu, kodwa kuyacaca ukuthi kusanegebe elikhulu okusamele livalwe lokubhalwa kwezingoma ezintsha,” kusho yena.

Uthi kuyadumaza ukubona abaculi beshintshana ngengoma eyodwa, beshintsha indlela eculwa ngayo kuphela. “Lokhu kwenza kube sengathi kasinabo ababhali bezingoma ezintsha kanti sinabo, wukuthi nje banomona ngokusabalalisa ikhono labo. Engikubonayo wukuthi labo abanekhono lokubhala, bafuna ukuziculela bona izingoma zabo,” kusho uRebecca.

Uthe kuhle ukuba baziculele izingoma abazibhalile, kodwa kalikho iphutha lokuthi bazibhale izingoma, bazidlulisele kwabanye ukuze bazicule. “Ukubhala ingoma akusho ukuthi uzokwazi ukuyicula kangcono kunabanye. Kuyenzeka ubhale ingoma kodwa idume komunye umculi ngoba amakhono ethu kawafani,” kusho yena.

Uthe njengoba engasazikhiqizi izingoma ezintsha, ufisa ukucobelela labo abeza ngemuva kwakhe ngolwazi. Wenze isibonelo ngaye wathi izingoma eziningi aziculile zaba nedumela, bezingabhalwanga nguyena, bekunabantu abebembhalela. “Lokhu bekukhombisa ukubambisana obekukhona emculweni ngaleso sikhathi, okuyinto okumele sihlale njalo siyikhuthaza emculweni,” kusho yena.

Le nkakha ithe ukuthatha umhlalaphansi ekukhiqizeni izingoma akusho ukuthi isiyekile emculweni njengoba isaqhubeka nokunandisa emicimbini eyahlukene uma emenyiwe.

Previous articleI-PSL idalule izinsuku nezinkundla zama-semi final eMTN8
Next articleUNgizwe uvulelwe icala lokushaya