Ukhuthaza imfundo kosomatekisi

606

Ufisa iSantaco ibe nohlelo lokucathulisa abashayeli bamatekisi kwezemfundo

MZWAMANDLA ZONDI
UPHONSELA iSouth African National Taxi Council (Santaco), inselelo ukuba ibe nohlelo lokucathulisa abashayeli (learnership) kwezemfu-ndo umshayeli wetekisi waKwa Magoda, eRichmond, othole iziqu zobuthishela ngo-2020, kodwa oqhubekayo nokushayela ngenxa yokuthi umsebenzi wobuthishela asewuthungathe ngisho nakwezinye izifundazwe, akawutholi. UMnu Sphelele “Mabhanoyi” Ndlovu (32 (osesithombeni) owathola iziqu zakhe e-Unisa encelisa amawele efunda futhi eshayela itekisi uthi le nhlangano yosomatekisi kufanele abashayeli bathuthukiswe emakhonweni ekhompyutha, kuthi laba asebekhulakhulile balekelelwe benze oCode 14, kuthi uma bethola amadlelo aluhlaza, kungene izingane zabo ekushayeleni amatekisi ukuze impilo iqhubeke.


“Lapha ngisho ungahlala iminyaka ewu-20 kuya phezulu, kawuphumi nalutho. ISantaco kufanele ngabe iyayisukumela into efana nalena ngoba sinemindeni,” kusho yena. Uthi kubalulekile ukuba osomatekisi bakhuliswe, umuntu ofuna ukuyofunda anikezwe ithuba. “Kwabanye kunzima ngisho ukuyofunda ngoba baningi abantu abafesile, kanti nabasizi bethu banazo izincwadi. “Washiya emsebenzini kukhona oyokulungisa, ubuya usuphelile umsebenzi ngoba kayikho imigomo ebekwa yiSantaco ukuvikela imisebenzi yethu,” kusho uMnu Ndlovu ohlome ngesiZulu, isiNgisi neLife Orientation ezifundweni ayefundela ukuzifundisa. Uthi waqeda uGrade 12 ngo-2008 eRichmond Combined School, emuva kwalokho wafundisa abantu abadala khona eRichmond ngaphansi kohlelo lukahulumeni okwakuthiwa yiMasifunde, kwazise vele ukufundisa yinto esegazini kuyena.


Leli toho laphela emuva konyaka. Wayehola u-R1 000 ngenyanga. Ngo-2010 wathola umsebenzi wo-kushayela amatekisi khona eRichmond. Ngokuhamba kwesikhathi, wanikwa umsebenzi wamabanga amade, eya eMgungundlovu nase Xobho. Wabuye washayela aya eGoli, ePort Shepstone naseGqeberha. “Isimo sasisibi ekhaya, kungasebenzi muntu. Njengendoda, ngabona kufanele ukuba ngiwuthathe umsebenzi wamatekisi. Ngo-2013, ngabona ukuthi kayikho inqubekela phambili ekushayeleni amatekisi, ngayobhalisela izifundo zobuthishela e-Unisa. Kwangithatha iminyaka ewu-7 ukuqeda iziqu zeminyaka emine. “Bekunzima ngizifundisa ngemali yamatekisi engekho. Ukushayela amatekisi ahamba amabanga amade kwangisiza kakhulu ngakwazi ukuthola isikhathi sokufunda. Uma uya kude luyaphela usuku ungalayishanga. “Ngacishe ngaphonsa ithawula ngoba ngangingalutholi uxhaso. Ngazama kaningi kwiNsfas ingichitha. Kwesinye isikhathi ngangingafundi ngenxa yokusho-delwa yimali. Ngake ngacabanga nokushiya phansi,” kusho uMnu Ndlovu.


Ubonga umqashi wakhe, uMnu Ntokozo Sithole nothishanhloko waseNdabikhona Primary School, eRichmond, uMnu Bongi Mhlongo ngokumququzela ukuba afunde. Ukhale kakhulu ngabanye abaqashi abangafuni ukubona abashayeli babo bephumelela. Uthi uma kwenzeka umshayeli wathi kukhona into othi uyozithuthukisa ngayo, ubuya ikhumbi yakhe isinikezwe omunye umuntu, kuthiwe yena akanasikhathi. “Abanye babaqashi nenhlangano yethu iSantaco, kabafuni ukubona abashayeli bephumelela,” kusho uMnu Ndlovu.

Previous articleIPirates inyomfe izinhlelo zoSuthu
Next articleBAZOKWAKHA IMIGWAQO YEZIGIDI KUMASIPALA OBUNEZINKINGA