UKhuzani noBig Zulu bahlose ukubumba abalandeli ngengoma

772

MTHOBISI SITHOLE

BAFUNA ukukhuthaza ukubambisana kwezinhlaka zomculo – ikakhulukazi abalandeli bezinhlobo ezehlukene zomculo – uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose noBig Zulu, abaqophe ingoma ngokubambisana. Laba baculu bahlangene engomeni ethi “Izilingo Zomhlaba” ezophuma ngoLwesihlanu. Iyingxenye yezingoma ezitholakala kwi-albhamu kaKhuzani ezophuma mhla ka-1 kuZibandlela (December). 

Engxoxweni kaKhuzani neLANGA, uthe ngale ngoma, bahlose ukugqugquzela ukungacwasani kubalandeli bomculo, ikakhulukazi abakamaskandi ngoba badume ngokuthi kabazikhonzile kakhulu Uthe abaculi abacule eminyakeni edlule, bebesebenzisana kakhulu namaciko e-gospel.

Leli ciko libalwa namaciko akhankasela ukuqokwa kwezingoma zawo ukuhlukanisa unyaka oKhozini FM. Ingoma eligabe ngayo, ethi “Umjolo Lowo”, liyikhiphe ngenyanga edlule. 

Imizamo yokuthola uBig Zulu, iphunzile.

Previous articleBuningi ubugebengu obenzeka kuleli ngenxa yezivumelwano namanye amazwe
Next articleUMasipala weTheku usudinga umlawuli onesipiliyoni sasesihogweni