Unohlelo lokuzibonelela enanini lamathikithi eGcwalisa Picnic
BEZINGANGOZULU eya eMakheni izitshudeni zase-University of Zululand (Unizulu), KwaDlangezwa, eMpangeni ngoLwesihlanu ngesikhathi umculi kamaskandi, uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose ephelezelwa ngabanye ozakwabo okubalwa kubona uNtencane eyobanika amazwibela ngokuzokwenzeka emcimbini wakhe, iGcwalisa All White Picnic, eKings Park, eThekwini mhla ka-5 kuLwezi (November). Lo mculi uveze ukuthi ngenxa yezikhukhula ezihlasele KwaZulu-Natal ngoMbasa (April) nonyaka, ubone kukuhle ukuba kube nesaphulelo emathikithini alo mcimbi.
Uthe siqala uma abantu bewathenga bewu-20, bese kuphuka u-R50 ethikithini ngalinye. Uthi ngalokhu wenzela ukubonelela izitshudeni nemindeni ekhahlamezekile, efisa ukungasali kule ndumezulu. “Abangasebenzi noma izitshudeni, bangaqoqana bathenge ithikithi lika-R200 ngo-R150 uma bewathenga ngokweqoqo, kodwa uma ulithenga ngalodwana, kaliguquki inani. “Ngalolu hlelo ngifuna izitshudeni ziboneleleke ngoba kazinawo amandla njengoba zifunda,” kusho uKhuzani.
Izitshudeni zase-Unizulu zithokoziswe ngomculo wamaciko ahlukene okubalwa kuwona uNtencane, uMjolisi, uMkhulekelwa noJumbo. UKhuzani uthi ngoLwesihlanu ebusuku uzobe eyogqugquzela abafundi base-University of KwaZulu-Natal (UKZN) ophikweni lwaseWestville kanti kusasa ngoLwesibili uzobe ese-Wits University, eGoli, bese ngesonto elizayo aye kwezinye izikhungo nasemahostela. Uveze ukuthi nezinye izikhungo zemfundo ephakeme uzozihambela okubalwa namakolishi.
“Lo mcimbi ubaluleke kakhulu entsheni, ngakhoke kufanele kwenziwe konke okusemandleni ukuba bazizwe bemukelekile ngoba kuwona kuboshelwe abaculi bezinhlobo ezahlukene zomculo,” kusho uKhuzani. Ugcizelele ukuthi amathikithi asephelile eComputickets naseTickets Pro lapho abebiza khona u-R150. Kulo Mcimbi kuboshelwe uJumbo, uDumi Mkokstad, uNomfundo Moh, uSjava, uBig Zulu, uDJ Tira, uCasper Nyovest, u-AKA, Izingane Zoma, Imithente, uBuselaphi, uNtencane, uMzukulu, uDsD, uDumakahle, uNjoko, uJaivazimnike, uGatsheni, iNkosi,
Yamagcokama, uCevuzile, uMfezemnyama, uNavigator noMdumazi.
mthobisis@ilanganews.co.za