UKhuzani noxhaso lwegilosa kwabaswele oNdini

408
UMCULI kamasikandi uKhuzani Mpungose, imeya yasoNdini uMnu Wilson Ntshangase (obambe ubuso), uSihlalo wakwaSalga uMnu Thami Ntuli
(ophethe umbhobho), amakhansela nomndeni wakwaMthimkhulu ngesikhathi eyodlulisela isipho somnikelo ebambisene noMasipala wasoNdini.

MTHOBISI SITHOLE
UBUYISELE emphakathini wasoNdini umculi kamasikandi uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose oxhase ngamasheke emali yegilosa emindenini emibili edonsa kanzima. Lokhu ukwenze ngoLwesithathu emcimbini kamasipala wendawo kuvulwa ihholo lomphakathi eNqulwane, oNdini
ku-ward-15. UKhuzani ubonelele umndeni wakwaMthimkhulu endaweni yaseZihlabeni nowakwa Mthembu eDamaseku. Engxoxweni kaKhuzani neLANGA, uthe useqashwe kakhulu kumasipala wasoNdini, akwenzile ubebuyesela emphakathini wakhona. Uthi njengoba eqashwa oNdini, ukhokhelwa ngemali yabakhokhi bentela basoNdini.


“Ngisebenzisane namakhansela, ngacela ukuthi angitholele imindeni exakekile ngoba nami sengiqashwe kakhulu endaweni. Bengifuna ukubuyisela emphakathini kube khona engikwenzayo,” kusho uKhuzani. Uthe lokhu ukwenze ngaphansi kweFoundation yakhe, i-Ndlamlenze Development Foundation. Uthi kukhulu akwenzelwe umasipala wasoNdini njengoba uhlale ungamkhohlwa uma kwenziwa imicimbi endaweni yakhona. Imeya yasoNdini uMnu Wilson Ntshangase, ithi isenzo salo mculi basishayela ihlombe ngoba sikhombisa ubuntu nozwelo.

“Omunye ubengavele aqede ukukhokhelwa engabe esabheka emuva. Okwenziwe uKhuzani kuwuphawu lokuthi izandla ziyagezana ngempela. “Sifisa ukuthi abantu abanjengaye bande emhlabeni ukuze sisize imiphakathi yethu edinga usizo. “Sifike kwaMthimkhulu ku ward-20 eZihlabeni emzini ophethwe yingane ena-27 iminyaka, iyona esibheke ikhaya. Sithole ukuthi isalelwe wunyaka owodwa ezifundweni ze-BCom kwiFinancial Management e-Unisa. “Thina njengomasipala sizoyiqasha ibe iqhubeka nezifundo zayo.

Kuyothi uma isifunde yagogoda bese iqashwa ngokugcwele emkhandlwini,” kusho uMnu Ntshangase. Ngakolunye uhlangothi uSihlalo weSouth African Local Government Association (Salga) KwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, uthayisele ngo-R2000 emindenini ngamunye, wathi lokhu okwenziwe nguKhuzani kumhlaba umxhwele njengoba naye ebeyingxenye yokuvulwa kwehholo. “Ngijabule kakhulu ngesenzo sikaKhuzani ngoba sobabili sidabuka eNkandla ngaphansi kwesizwe esisodwa sakwaMpungose. Kuyasijabulisa uma bebuyela emphakathini beyophosa esivivaneni. “Abaculi bancoma omasipala abaphethwe yiNkatha ngokuthi ngaphandle kwabo ngesikhathi sokhuvethe ngabe kwaphela ngabo,” kusho uMnu Ntuli

Previous articleKUDUTSHULWE KWABULAWA ELINYE ILUNGU LE-ANC
Next article‘Ibingenaso isipiliyoni samaloli amabanga amade indodana’