UKhuzani uncoma ukusebenzisana okuhle nabalandeli bakhe

537

MTHOBISI SITHOLE

UQALE uchungechunge lokuhlangana namagatsha abathandi bomculo wakhe uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose. Lokhu ukwenza njengoba ekhiphe i-albhamu yakhe entsha ngoLwesihlanu ethi, “Aliboli Icala”. 

Izolo ubeseWorkshop, eThekwini kanti namuhla ngeSonto useJeppe, eGauteng. Uthi ngalokhu uhlose ukuvuselela ukuxhumana phakathi kwakhe nabalandeli nokwakha izinhlelo zokuthuthukisana ngomculo wakhe. 

Uveze ukuthi enye yezinhloso ezinkulu wukuthi ahambisele abalandeli i-albhamu entsha ngoba seziyindlala izitolo ezidayisa ama-CD. Uthi usazoqhubeka nokugaya ama-CD yize  umculo usuthengiswa kakhulu online, ngoba kukhona abakholelwa kuwona. Uveze ukuthi uhlelo lokusebenzisana nezinduna zabalandeli bakhe emagatsheni ahlukene, lwenza kube lula ukusabalalisa umsebenzi wakhe.

“Owami umculo kushaya isikhathi sokuthi uphume uvele usuthengiwe. Abalandeli bahlanganile baqoqa imali, bayithumela ngoba befuna ukuyithola ngosuku ephuma ngalo i-albhamu. Kumnandi kakhulu ukusebenzisana esinakho kwiBlue Nation (abalandeli bakhe),” kusho uKhuzani.

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleKulindelwe kumqeqeshi woSuthu okwenziwe ngowePirates
Next articleIngebhe ngokudunwa kwezimoto zoMnyango wezeMpilo