UKhuzani usonga ngokubopha uNgizwe

1032

INdlamlenze isola lo msakazi ngokuqongelela imali ngegama layo

MTHOBISI SITHOLE

UMCULI kamasikandi uKhuzani “iNdlamle-nze” Mpungose, uvutha engabaselwe ngokunanyekwa kwegama lakhe oqwe-mbeni lokukhangisa umcimbi kaNgizwe Mchunu ongakwesokudla.

UXWAYISWA ngezinyathelo zomthetho uNgizwe Mchunu owaduma engumsakazi woKhozi FM, ofake “isitha” sakhe kwi-poster yokukhangisa umcimbi wakhe, i-Azikhale Music Festival, okuthiwa uzokuba sePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini mhla ka-31 kwephezulu. 

I-poster yalo mcimbi, enabaculi abehlukene, kukhona nekhanda likaKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose oyinkukhu nempaka noNgizwe osexwayiswe yiNdlamlenze Group Production (kaKhuzani) ngokuthi ahoxise igama lalo mculi kulolu qwembe ngoba ulifake ngaphandle kwemvume. 

Ngokuthola kweLANGA, le nkampani ibhalele uNgizwe isexwayiso esithi makahoxise leli gama, aphinde axolise emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana ngalesi senzo sakhe, kungenjalo, kuzolandela izinyathelo zomthetho. 

UKhuzani utshele ILANGA ukuthi akafuni lutho olumhlanganisa noNgizwe. Uthe lokhu okwenziwe nguNgizwe kuphambene nomthetho wokusebenza kwamaciko, wephule u-Act 98 of 1978 wezomculo namalungelo awo. 

“Simbhalele incwadi wavele waphendula ngenkulumo eqoshiwe enenhlamba kuMnu Mthokozi Zuma (imenenja kaKhuzani). Kangisoze ngavuma aqongelele imali ngegama lami. Kangisafuni lutho olungihlanganisa naye, kangifuni kwawona umcimbi wakhe futhi akukho engizokukhuluma naye ngaphandle kwezomthetho,” kusho uKhuzani. 

Uthi isenzo sikaNgizwe simcasule kakhulu ngoba uyazi ukuthi kabancindi odengezini olulodwa.

“Ingani yena uphila nomculi wakhe (iGcokama Elisha), lona ahamba naye behla benyuka, uhlulwa yini wukukhangisa lo mcimbi ngegama lalo mculi? Uma efuna ukugqwaba imali yabantu uyazi ukuthi yimina onabalandeli abaningi okumele bakhokhe imali yabo esangweni, kodwa uma ephakamisa ubunkunzi kwezomculo kuba yilona (iGcokama),” kusho uKhuzani.

Iphunzile imizamo yokuthola uNgizwe, belungangeni ucingo lwakhe. Amanye amagama abaculi ababoshelwe kulo mcimbi, nguNtencane, iNkosi Yamagcokama, uDumakahle, iNtaba yase-Dubai, uDladla Mshunqisi, iQwabe Twins, uBahubhe, uThokozani Langa, uDj Mngadi, Amageza Amahle, uMntunyenziwa, uMroza, uJaivazimnike, uMzukulu, uShwi noMtekhala, uDumi Mkokstad, uSgwebo Sentambo noJumbo. Kungenwa ngo-R100.

Ukungaboni ngaso linye phakathi kukaKhuzani noNgizwe kugqame ngo-2019 kuLwezi (November) ngesikhathi uNgizwe ehlela umcimbi wakhe kamasikandi eCurriesFountain eThekwini, esola ukuthi uKhuzani wabhala kwi-poster yalo mcimbi ukuthi awusekho ekubeni ukhona, waphinda wanxusa abantu ezinhlakeni zokuxhumana ukuthi abayobuka umcimbi we-Jazz eMlazi owawuqondene nalo kaNgizwe. 

Emuva kwalokhu uNgizwe waqopha i-video washiya angalazi kuKhuzani ethi wayemnabukelisa ngesikhathi esasakaza oKhozini FM kodwa uma esexoshiwe emsebenzini ezizamela imali yokuphila, uKhuzani ulwisana nalokho. 

Ngenyanga edlule isusene ezinkundleni zemidlalo eNkandla kwiMayoral Cup, okuze kwangenelela imeya yaseNkandla uMnu Thamsanqa Ntuli kubangwa ukungena esteji okuvela ukuthi kwakumele kungene uKhuzani ngesikhathi esithile ayethenjiswe sona, kodwa uNgizwe wamemezela iGcokama Elisha, kwasuka esinamathambo.

Previous articleUcacisa ngenkundla yakhe uMaMkhize
Next articleEzamaGugu zingaba yibhizinisi elinamathuba