UKhuzani uzovela emdlalweni iMbewu

1273

THANDEKA NGOBESE noMTHOBISI SITHOLE

UKHUZANI uzobonakala emdlalweni kamabonakude iMbewu kwi-e.tv. 
ISITHOMBE YINQOLOBANE YELANGA

UZOBONAKALA maduze emdlalweni iMbewu: The Seed odlala kwi-e.tv ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-21h30 umculi kamasikandi, uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose oseziqophile iziqephu okuthiwa zizovela kulo mdlalo. 

Ngokuthola kweLANGA, lo mculi uqokwe ukuvela kulo mdlalo ngoba ebalwa nabahamba phambili emculweni wesintu. 

Umthombo weLANGA uthi lo mculi uzobe ebizwa ngegama lakhe kulo mdlalo. 

“Nguyena abakholelwe kakhulu kuyena komasikandi abakhona okwamanje,” kusho umthombo. 

Kuthiwa nakuba kuke kwamiswa ukuqoshwa kweziqephu zalo mdlalo ngenxa yokuhlasela kwecoronavirus, kodwa uKhuzani ubonakalile eThekwini ngesonto eledlule kuqoshwa. 

Leli phephandaba lithole ukuthi lo mculi uzobonakala ecula endaweni yobumnandi eyingxenye yalo mdlalo, eMsamo. Ebuzwa uKhuzani ngalezi zindaba, uthe kazilona iqiniso. Uthi yena akaze aqophe lutho selokhu izwe lehliselwa esigabeni sesine sokuvalwa kwalo. 

Kuzokhumbuleka ukuthi uKhuzani uzobe engaqali ukuvela emdlalweni kamabonakude njengoba nyakenye wavela kothi eHostela, kanti kulezi zinsuku uqokwe nomakadebona bakamasikandi okuyiHhashi Elimhlophe noPhuzekhemisi ekuqoshweni kwengoma yoKhozi FM yokugubha iminyaka ewu-60 lo msakazo wasungulwa. 

Okhulumela iMbewu: The Seed, uMnu Mondli Dlungwane, akatholakalanga ocingweni ukuba aphawule ngalolu daba njengoba belukhala lungabanjwa. 

UNkz Lerato Maboi okhulumela izinhlelo ze-e.tv, naye ucingo lwakhe belukhala luze lube nesilokozane, kwaze kwashaya isikhathi sokuloba engatholakali.

Previous articleIsilonda esingasoze saphola
Next articleZilandwe ekhweni izinkomo zelobolo ‘ezebiwe’