UklolodangokwenzaiChiefs ithofi

488

IziMpofana ziphonsa ithawula ngombangowokuyodlala kwiChampions League

MFANAFUTHI NDLOVU
IVELE yaphonsa ithawula ngokulwela ukuyodlala kwiCaf Champions League ngesizini ezayo iKaizer Chiefs inenebulwa yiSekhukhune United ngo-1-0 koweDStv Premiership izolo ngeSonto ntambama ePeter Mokaba Stadium, eLimpopo. Igoli elinyomfe izinhlelo zeChiefs zokulwela ukuqeda ihleli endaweni yesibili kwi-log libhakuziswe nguSammy Seabi ngomzuzu ka-4. IChiefs idumaze izinkumbi zabathandi bayo ebezifike ngobuningi kulo mdlalo. Okuphinde kwaba yisilonda eziMpofaneni kube wukuvelela komdlali ezamxosha, uSiphosethu Ntiya-Ntiya oqokwe njengowosuku kulo mdlalo. UNtiya-Ntiya uthe basizwe ngamasu omqeqeshi wabo uBrandon Truter othe iChiefs izokhameka kalula uma bengeke bayivumele ukuba idlale ibhola, bezoligcina ngakubo.


Nakuba ihluliwe iChiefs kulo mdlalo, kodwa yakhe amathuba okushaya amagoli, kwaphika. Kuhluleke noma isihlasela ngabagadli abathathu uBonfils- Caleb Bimenyimana, uChristian Saile noDillan Solomons kodwa kwangalunga. U-Arthur “10111” Zwane ongumqeqeshi weChiefs,
ubalise ngokuhluleka kwezakhe ukuqedela amathuba. Uthe lo mphumela sewuvele wawanciphisa kakhulu amathuba ezakhe okulwela ukuqeda endaweni yesibili kwi-log. “Ngigembulile kulo mdlalo, ngisebenzisa abagadli abathathu ngoba besengifuna igoli kodwa izinto zasiphika. “Sibulawe wukunika iSekhukhune indawo yokuzenzela. “Nginethemba lokuthi sizoyinqoba imidlalo elandelayo,” kusho uZwane obekubonakala ukuthi uphoxekile.


UTruter obephuphuma injabulo emuva kwalo mdlalo uncome abadlali bakhe ngokudlala ngokwemiyalelo yakhe. “Bengifuna abantu babone ukuthi ngiyakwazi ukuyehlula iChiefs njengoba sengiqoqe amaphuzu awu-6 ngibhekene nayo kule sizini,” kuchoma uTruter. Womabili la makilabhu asenethuba lokuqeda isizini enenkomishi njengoba ekumasemi final eNedbank Cup lapho iChiefs iqhathwe khona ne-Orlando Pirates ngomhla ka-6 kuNhlaba (May) ngo-15h00 eFNB Stadium, kuthi iSekhukhune ishukane neStellenbosch mhla ka-7 kuNhlaba ngo-18h00 eKapa. Imiphumela yemidlalo yeDStv Premiership: Supersport Utd 2, AmaZulu 1; Sekhukhune 1, Chiefs 0; Stellenbosch 3, Swallows
0; TS Galaxy 1, Royal AM 1;
Pirates 2, Cape Town City 1;
Maritzburg Utd 1, Richards Bay 1.

Previous articleUsethole ezobuthishela owahlekwaebuyela esikoleni eno-31 ubudala
Next articleKuzokwenzekaokungajwayelekilekokamasikandi