UKodwa ugcine esulile ephalamende

206

THANDOLUHLE NGUBO

USESULILE ekubeni yilungu lephalamende le-ANC uMnu Zizi Kodwa (okwesokudla esithombeni) owayengungqongqoshe wezemidlalo, ubuciko namasiko. Ngokwencwadi okuthiwa uKodwa uyibhalele uNobhala-jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula, uSotswebhu we-ANC uMnu Mdumiseni Ntuli noSomlomo wePhalamende uNkz Thoko Didiza, kuvela ukuthi ushiya njengelungu lephalamende kuphela.
“Ngifisa ukwazisa iqembu nephalamende mgokwesula kwami ekubeni yilungu lephalamende ngenxa yezizathu eziqondene nami. Ngicela ukubonga i-ANC ngokunginika ithuba nokungethemba ekusebenzeleni isizwe,” kusho incwadi.

UKodwa usula nje, ubhekene necala lenkohlakalo ka-R1,6 million, okuthiwa wagwazelwa ngawo nguMnu Jehan Mackay, owayeyisikhulu esiphezulu senkampani yezobuchwepheshe, i-EOH, ukuze le nkampani ithole ithenda yezigidi kuhulumeni. UKodwa uboshwe naye uMackay. Ngesikhathi kwenzeka “le nkahlakalo”, uKodwa wayeyisekela likangqongqoshe wezokuvikela.

Ukufungiswa kwakhe njengelungu lephalamende – ngethikithi le-ANC – emuva kokhetho olwalumhla ka-29 kuNhlaba (May) nonyaka, kwaqubula umsindo njengoba abantu babebuza ukuthi ufungiswa kanjani ekubeni umgomo we-ANC uthi umuntu obhekene namacala kumele ashenxe.

I-ANC ithe iyakwemukela ukwesula kwakhe.

Previous articleBebefunelwa necala lokubulala iphoyisa “ababulawe ngamaphoyisa” eNanda
Next articleInjabulo emndenini wephoyisa inkosikazi “ihlela” ukugonyuluka ngokufa kwalo