SENZO SOKHELA
UZILINDELE izivuvaba ezinzima uSteve “Mphathi” Komphela (osesithombeni) osanda kukhuza ibuya njengomunye wabaqeqeshi beMamelodi Sundowns njengoba ekholwa wukuthi ukushintsha kwezandla kungase kuqale ngobunzima.
IDowns ise-Austria lapho yenza khona amalungiselelo okuqala kwesizini entsha. Iya kulolu hambo nje, yenze izinguquko ethimbeni labaqeqeshi njengoba ikhombe indlela uRulani Mokwena obengumlolongi wayo – osejoyine iWydad Casablanca yaseMorocco.
Ibuyisa uKomphela obeselolonga iLamontville Golden Arrows, waba yi-senior coach. UManqoba “TV” Mngqithi obengumsizi kaMokwena, nguyena osebambe izintambo zokucija le kilabhu. Nokho indlela yamaSandawana ibingakabi yinhle njengoba esehlulwe emidlalweni emibili yokungcweka ilandelana. Ehlulwe ngo-3-1 yiSV Sandhausen edlala kuThird Division eGermany, aguqiswa yiDynamo Kyiv yase-Ukraine ngo-1-0. “Ukuhlala ujeqeza kujwayelekile, kodwa kuzofanele sisheshe singene egiyeni. Engingakwethembisa nje, wukuthi ikilabhu isazoqhubeka nokulwela izicoco, lokho kangikungabazi,” kusho uKomphela.
IDowns izobhekana neCardiff City yaseWales ngoLwesibili ngo-16h00. Ukhuluma kanjena nje uKomphela, sebekhona abalandeli beDowns
asebeqalile ukushaya amakhala ngemiphumela yale kilabhu kule midlalo yokuzifudumeza.
senzos@ilanganews.co.za