Ukubambezeleka kukadokotela wengqondo kuhlehlise icala lephoyisa “elabulala” intombi

227

THANDOLUHLE NGUBO

KUVELE eyokubambezeleka kwelinye icala kukadokotela okumele ahlole ingqondo kuConst Sizwe Ngema (27), obhekene necala lokubulala owayeyintombi yakhe, uConst Bianca Khuzwayo (23), abesebenza naye esiteshini samaphoyisa kaMasipala weTheku, i-Albert Park, eThekwini njengembangela yokuhlehla kwaleli cala. Leli cala elisezithebeni zeNkantolo yeMantshi yaseThekwini, selizoqhubeka kusasa ngoLwesibili.

Kuzokhumbuleka ukuthi icala likaNgema laguqela inamuhla ngoMsombuluko ngesizathu sokuthi kwaphakanyiswa ukuba ayohlolwa ingqondo. Umshushisi, uMnu Calvin Govender, utshele inkantolo ukuthi udokotela obekumele amhlole namuhla ekuseni, ubambeke ecaleni angufakazi kulo, uzokwazi ukumhlola kusukela ngehora lesibili emini namhlanje. Uphakamise ukuba inkantolo iliguqisele ikusasa.

Ummeli kaNgema, uMnu Ravi Reddy, uveze ukuthi akanankinga nokushiwo ngumshushisi kodwa wacela inkantolo ukuba ivumele ikilayenti lakhe ukuba lilale lodwa esitokisini eDurban Central ngezizathu zokuphepha.

Imantshi, uMnu Sicelo Zuma, ikuvumile lokho yatshela inkantolo ukuthi kungenzeka uNgema akwazi ukufaka isicelo sebheyili kusasa emuva kokuphuma kwemiphumela yokuhlolwa kwakhe, kodwa lokho kuzoqinisekiswa khona kusasa.
Kuzokhumbuleka ukuthi uNgema ube yindabizekwayo ekupheleni kukaNdasa (March) nonyaka ngesikhathi kusabalala ezinkundleni zokuxhumana isithombemnyakazo (video) sakhe – okuthiwa sathwetshulwa nguyena uqobo – esanda “kugwaza abulale” umufi. Kulesi sithombemnyakazo kwakubonakala imizuzu yokugcina kamufi, kuvele nommese ubhajwe esifubeni sakhe.

Previous articleAkasakwazi ukulawula umchamo owahlinzwa “yivukana” eyobeletha
Next articleI-IEC iyazihlangula esicelweni “sokugwabula” uZuma