CALLISTUS NKWANYANA
NGESIKHATHI sobandlululo, kwakulukhuni ebantwini abamnyama
ukungena emanyuvesi ngenxa yokubiza kwemfundo nemithetho eyayikhona ngaleyo nkathi.
Ukuba neziqu zemfundo ephakeme kwakuyinto engandele bani, uma uthole lelo thuba endaweni, wawuhlonishwa kakhulu.
Manje usuthola ukuthi imizi eminingi inabantu abaneziqu zemfundo ephakeme, abazali abaningi sebeyakubona ukubaluleka kwemfundo.
Okuhle okwenziwe wuhulumeni, wukuthi kubelula ukuthola amathuba okufunda emanyuvesi, ngokukhokhela abafundi zonke izindleko zemfundo ephakeme.
Lokhu kwenza kungabikhona umuntu ozothi akafundile ngoba imali kayikho.
Umuntu ongathi akafundi ngoba uswele imali, ngabe mhlawumbe wukungazi ukuthi amathuba atholakala kanjani.
Kuyashiwo-ke ukuthi ukuvuleka kweminye iminyango kungasho ukuvela kwezinye izinkinga.
Njengamanje kunabantwana abaneziqu, abahleli emakhaya.
Bona laba baphinde bagxeke uhulumeni ngokungawatholi amathuba emisebenzi.
Umbuzo uthi ngabe uhulumeni ungakwazi yini ukuqasha bonke abantu.
Impendulo ithi cha.
Omunye umbuzo uthi wumsebenzi kahulumeni yini wukuqasha abantu. Nakhona lapho impendulo ithi cha.
Umsebenzi kahulumeni wukwenza kubelula kwabemboni ezimele ukutshala imali ukuze kuvuleke amathuba emisebenzi, kuqashwe abantu.
Lokhu ukwenza ngokwakha ingqalasizinda; njengezimboni, wukulungisa indaba kagesi
nokwakha imigwaqo.
Omunye umsebenzi kahulumeni wukushaya imithetho eyenza kube lula kwabamabhizinisi ukusebenza ezweni.
Izwe kufanele libe nemithetho ecacile kwamanye amazwe ukuze abatshalimali bazokwazi ukuqonda nokubuka ukuthi uma betshala imali yabo, nabo bengathola inzuzo.
Umsebenzi kahulumeni wukulwa nobugebengu ukuze abatshalimali babone ukuthi bavikelekile uma bezotshala imali yabo lapha.
Kumele ukhulume ngolimu olulodwa, hhayi olumbaxambili ngoba ludida abatshalimali.
Omunye umbuzo uthi ngabe uhlelo lwemfundo lwasemanyuvesi ethu lukulungele yini ukubhekana nezidingo zezwe.
Lo mbuzo ubaluleke kakhulu. Phela uhlelo lwemfundo kufanele lunike izimpendulo ezidingweni zezwe.
Miningi imisebenzi eNingizimu Afrika, kodwa abafundele leyo imisebenzi enamathuba bancane, kokunye kabekho, ikakhulu kwabamnyama.
Imbangela yalokhu wukuthi emazingeni aphansi, kasinazo izifundo ezeluleka abafundi ngezifundo zasemanyuvezi nasemakolishi.
Abantu abaningi babona sebesezikhungweni zemfundo ephakeme ukuthi bafuna ukufundelani.
Konke lokhu kusho ukuthi kabakwazi ukukhetha ngendlela efanele imikhakha engabenza baqasheke uma sebeqede izifundo zabo.
Kubalulekile nokuthi uhlelomfundo lwakhe abaqashi.
Uhulumeni njengamanje unezisebenzi ezingaphezudlwana kwesigidi. Kulezi zisebenzi, ezifundele umsebenzi, zincane kakhulu ezisezikhundleni ezizifanele.
Ucwaningo lukhomba ukuthi ezilinganiselwa ku-35%, eziqhoqhobele izikhundla eziphezulu kuhulumeni, kazinazo iziqu ezifanele.
Kuvela ukuthi kwizimenenja eziphezulu ezibalelwa ku-9 477, eziwu-3 301 kazinano iziqu ezilungele ukuthi zenze lowo
msebenzi.
Lokhu kusho ukuthi lezi zimenenja zivimbe nemisebenzi yabantu abaneziqu.
Lezi zibalo kazibafaki ohulumeni basemakhaya, lapho-ke konakele kakhulu.
Mningi kakhulu imisebenzi eqhoqhobelwe ngabantu abangenazo iziqu, kodwa le misebenzi ibe ifuna abaneziqu.
Ukubambisana phakathi kwabezimboni ezizimele nohulumeni, kungakha amathuba kwabaneziqu abangasebenzi.
* UMnumzane: Callistus Bheki Nkwanyana uneziqu zeMasters in Governance and Political Transformation
Wayengumqondisi: KZN office of the Premier: Community Partnership and Moral
Regeneration
Ungumbhali wencwadi: “Talking to yourself: The Journey to Self-discovery”
Uyatholakala ku: nkwanyana-cb60@gmail.com naku-066 544 5466 ngocingo nangeWhatsApp.