Ukudideka kwiPirates ngaphambi koweMTN8

440

Abaqeqeshi basadla amathambo engqondo ngonozinti

USIYABONGA Mpontshane noRichard Ofori

SENZO SOKHELA
UPHITHENE ikhanda ngesinqumo okufanele asenze umqeqeshi we-Orlando Pirates obheke ukunqoba isicoco sakhe sokuqala kuleli. IBucs izobhekana namaZulu FC kowamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. IBucs iya kulo mdlalo nje, yehlulwe yiKaizer Chiefs ngo-1-0 koweligi ngeledlule eFNB Stadium, eSoweto. IBucs ihlulwe ngephutha likanozinti uSiyabonga Mpontshane ogajwe yinjabulo washiya ipali kanti uYusuf Maart weChiefs uyambona, washaya ibhola enganeno komugqa wesenta, lameqa layokhalakathela enethini.


Leli goli lishiye abathandi bebhola benokudideka ukuthi ngubani ozoba sezintini zeBucs njengoba noRichard Ofori enuka iqaqa kubalandeli bale kilabhu ngenxa yokwenza amaphutha awubungane muva nje. Kukhalwa esifanayo ngaye njengoba esolwa ngokwehluleka ukuzibamba, ajabule kuze kweqe. UJose Riveiro, ololonga iBucs, uthi usaphithene ikhanda ngesinqumo okufanele asenze ezintini. “Nginonozinti abane eqenjini lami okunguKopano Thuntsane, uSipho Chaine, uMpontshane no-Ofori. “Bonke bajima ngokujwayelekile njengoba kuqale isonto. “Kodwa-ke isinqumo sokuthi ngubani ozovimba kulo mdlalo sizosenza ngokuphela kwalo leli sonto, okwamanje kakukacaci,” kusho uRiveiro. IBucs izokwamukela uMiguel Timm obengekho le kilabhu yehlulwa yiChiefs ngenxa yesigwebo samakhadi aphuzi.


“Besingakhumbule muntu kulo mdlalo odlule, sizigwaze thina nje ngowethu. “Kulo mdlalo wamanqamu kufanele sishintshe ukwenza. “Kufanele lo mdlalo siwuqale ngegiya eliphezulu okuyilona esivamise ukuqala ngalo. “Kangikholwa ukuthi emdlalweni odlule sithuswe wukuthi inkundla ibigcwele phama. “Yinto esesiyijwayele ukudlala enkundleni egcwele. “Sidlalile eThekwini bekunenqwaba yabantu cishe bebeyela ku-35 000. Sadlala ePolokwane abantu babeyela ku-45 000. “Ngikholwa wukuthi abadlali bethu bakujwayele ukudlala phambi kwezinkumbi zabantu. “Thina nje kuzofanele sishintshe ukwenza, singakuphindi esikwenze emdlalweni weChiefs njengoba siqale ngegiya eliphansi. “Kuzofanele sivuthe zibekwa, kodwa lokho kakusho ukuthi singaziqaphi izimbangi ngoba nazo ziyingozi.”

Previous article“Ukhishwe inyumbazana uShenge esidlweni esikhethekile koweSilo”
Next articleUmlimi ukhuthaza imfundo nothando kulo mkhakha