MTHOBISI SITHOLE
BAKHALA ngokuphasiswa kwezingane zabo zingafundisiwe abazali babafundi baseMcathama Primary School, eNondweni, eNquthu. Ngokuthola kweLANGALempelasonto, kuthiwa kunesifundo esingafundwa kwaGrade-7, selokhu kuqale unyaka, kodwa uma sekukhishwa imiphumela yokuhlolwa kwabafundi, isuke ikhona nemiphumela yalesi sifundo.
Kuthiwa imiphumela yokuhlolwa kwabafundi esigabeni sokuqala nesesibili, iveze ukuthi abafundi “baphiwe” amaphuzu esifundweni iCreative Arts, abangahlolelwanga sona. Omunye wabazali ongathandanga ukudalulwa, uthe izingane zithi ngesikhathi salesi sifundo, kufundwa ezinye. “Akusijabulisi ukungafundiswa kwezingane ngoba kulimaza zona. Ngonyaka ozayo kufanele zidlulele esikoleni samabanga aphakeme. Uma zingazi lutho ngalesi sifundo, zizobhekana kanjani nezimo zasesikoleni samabanga aphakeme?” kubuza lo mzali.
Omunye wothisha ongaphakathi kulesi sikole, uveze ukuthi le nkinga bayixoxile esikoleni, umphathi wesikole wathi uzoyilungisa. Uthe uthisha onikezwe umsebenzi wokufundisa lesi sifundo, uthi siyamehlula. “Kuyaxaka ukuthi kungani lungalungiswa ngokushesha lolu daba ngoba luyaziwa,” esho.
Uthe ukungafundiswa ngendlela kwezifundo ezithile kujwayelekile kulesi sikole. “Omunye wothisha ubeshushiswa ngenxa yokuthi kunezahluko angazifundisi ekubeni umnyango wezemfundo ungahambisani nalokho. Yena ufundisa isahluko esithandwa nguyena, bese ehlola izingane ngaso. Akufanele zenzeke kanjalo izinto. Lokhu kwesifundo esingafundwa, kunzima kakhulu,” kusho lo thisha.
Usihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnu Bongumusa Mavuso, uthe bayalwazi udaba lokungafundwa kweCreative Arts, kodwa kalukaze luxoxwe ezingeni lesigungu. Utshele leli phephandaba ukuthi lusakhulunyelwa phansi. “Kabukho ubufakazi obushaya emhlolweni okwamanje ngalolu daba, kodwa siyalwazi ngokuluzwa luxoxwa,” kusho uMavuso.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe bazophenya ngalolu daba.