SAKHA ISIZWE: CALLISTUS NKWANYANA
NAKUBA ngingeyena uchwepheshe kwezobugebengu, kodwa ngingasho ukuthi imindeni eminingi eNingizimu Afrika isike yaba yizisulu zobugebengu. Kwesinye isikhathi izigebengu ziyaziwa, kanjalo namaphoyisa asebenzisana nazo ayaziwa, kodwa abantu bayesaba ukuphumela obala ngazo. Ngiyaye ngibone kumabonakude, imihlambi yezinyamazane ibalekela amabhubesi ambalwa, lezi zinyamazane kazazi ukuthi zingaba namandla amakhulu
uma zingahlangana, zilwe nala mabhubesi.
Nemiphakathi kanjalo, kayiboni ukuthi ingaba namandla okulwa nezigebengu uma ingabambisana. Imiphakathi inamandla amangalisayo; lokhu kubonakala uma ike yasukuma, yalwa. Ngokulawulwa yintukuthelo, ize ibulale, bese nayo iphambana nomthetho. Imiphakathi kakufanele ilinde konakale ngaphambi kokuba ingenelele ekulweni nobugebengu. Kumele kube wusikompilo ukulwa nalesi sihlava. Into edala ubugebengu wukuba nemakethe; kwayona imiphakathi ibuye ithenge kuzona impahla eyebiwe. Leyo moto intshontshwa ngoba kukhona abathengi bayo; lowo mabonakude ontshontshwayo, inomthengi wayo.
Laba abathengayo yibona abandisa ubugebengu. Kumele kulwiwe kakhulu nalesi sihlava. Uma utholwa uthenge umabonakude ezigebengwini, kakumele bathathe wona wena usale – nawe kumele uboshwe, ugwetshwe. Iningi labantu lisuke lazi kahle ukuthi lithenga into yokwebiwa.
Amaphoyisa kumele abambisane nemiphakathi, ngoba phela izigebengu zisemiphakathini. Uma uyisigebengu, usuke ungasafanele ukuba nelungelo eliphelele – usuke sewulithengisile. Isigwebo sakho sisuke sesiyothenga ilungelo lakho kabusha. Uma usuqede isigwebo sakho, ubuyiselwa ilungelo lakho. Babalelwa ku-2,7 million onogada abazimele eNingizimu Afrika kanti amaphoyisa abalelwa ku-179 502.
Lokhu kusho ukuthi kukhulu okungazuzwa uma kungasetshenziswana nezinkampani zonogada ezizimele. Lokhu kwavela nangesikhathi kutatshwa impahla ezitolo ngoNtulikazi (July) ka-2021 KwaZulu-Natal naseGauteng. Izitolo ezisezindaweni zomntakabani zazivikelwe ngonogada, behlome bethe shi. Umonakalo omkhulu waba sezindaweni zabansundu, lapho kungekho onogada abanele abazimele.
Ungqongqoshe wamaphoyisa omusha (uMnu Senzo Mchunu), kumele akubhekisise ukuthi kungabanjiswana kanjani nezinkampani zonogada ezizimele. Enye indlela yokugwema ubugebengu wukuba nezingede (whistle-blowers). Le ndlela yinhle kakhulu ngoba ivikela ubugebengu bungakenzeki, noma lapho busuke benzeka khona. Lokhu kungagwema inhlekelele engenzeka uma izigebengu zize zaphumelela ezenzweni zazo.
Empeleni kumele kubekwe phambili ukugwemeni ubugebengu kunokubamba izigebengu sezenze umonakalo. Kumele kufakwe imali eningi ekugwemeni. Lokhu kudinga izinhlaka ezahlukene zisebenzisane namaphoyisa. Sengikushilo konke, into emqoka enganciphisa ubugebengu kakhulu, wukwakhiwa kwamathuba emisebenzi ngisho ezindaweni zasemakhaya. Lokhu kungagwema nokuthutheleka kwabantu emadolobheni amakhulu, okuphinde kudale ingcindezi kwingqalasizinda.
Yonke iminyango kahulumeni kumele ibe nezinhlelo ezisiza uMnyango wamaPhoyisa ekulweni nobugebengu. Kuyiqiniso ukuthi isu lokulwa nobugebengu kumele libe nzulu ukuze limelane nobugebengu obahlukene. Kumele izigebengu zihanjelwe phambili, kakumele amaqhinga amaphoyisa alandele awezigebengu. Ubuchwepheshe bubalulekile nabo ekulweni nobugebengu.
Ngizwe uNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uMnu Gayton McKenzie ekhuluma ngokubaluleka kokuthuthukisa ezemidlalo ezikoleni ukuze kwakheke usikompilo lwazo. Nokulwa nobugebengu, kumele sikwenze usikompilo ebantwaneni bethu ezikoleni. Kumele kube yimfashini ukungazibandakanyi nobugebengu nezidakamizwa.
Kakufanele abantwana bethu babuke ubugebengu njengento ebuyiselayo. Ukuqeda ubugebengu kakuyona into kangqongqoshe kuphela, kodwa ziningi izinhlaka okumele kusetshenziswane nazo, okubalwa kuzo nomphakathi.
*UMnu Callistus Bheki Nkwanyana uneziqu zeMasters in Governance and Political Transformation.
Wayengumqondisi eKZN Office of the Premier: Community Partnership and Moral Regeneration.
Ungumbhali wencwadi esihloko sithi: “Talking to Yourself: The Journey to Self-discovery”.
Uyatholakala nge-email ku: nkwanyanacb60@gmail.com naku-066 544 5466 ngocingo nangeWhatsApp.