Ukungawethembi amaphoyisa, kwenze iDA yaziqashela abaphenyi kwelokufa kwekhansela

342

PHUMLANI GAMA

IZWAKALISE ukukhathazeka ngokusebenza kwamaphoyisa aKwaZulu-Natal iDA, ngenxa yokwanda kwezigameko zokubulawa kwabaholi emikhakheni eyehlukene maqede amacala aphelele emoyeni. 

Leli qembu liveze ukuthi seliqashe inkampani yabaphenyi abazimele, ezophenya kanzulu ngababulali bekhansela lalo, uMnu Nhlalayenza Ndlovu (46), odutshulwe wabulawa esemzini wakhe ngeledlule, eMpophomeni, eHowick.

 UNdlovu ubekwe endlini yakhe yokugcina ngoMgqibelo emathuneni aseThendele, eMpofana, eMooi River, okulapho azalelwa wakhulela khona.

NgoLwesithathu olwedlule, iDA imemezele umehlokaboni ka-R100 000 kozovela nomkhondo ngababulali. NgoLwesine yenyuselwe ku-R200 000 le mali kanti manje isiku-R1 million .

Ethula inkulumo yakhe emngcwabeni umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnu Francois Rodgers, uthe leli qembu kaliwethembi amaphoyisa akulesi sifundazwe ngoba nangosuku lwesigameko, afonelwa, kodwa angazibamba izingcingo. Uthe iqembu liqashe inkampani yabaphenyi ezimele, ezophenyisisa ngababulali emuva kwalokho umbiko unikwe amaphoyisa, ukuze kuboshwe izigilamkhuba. Imeya yaseMngeni uMnu Christopher Pappas, ithe: “Ngifisa ukuqinisa bonke abathintekile ngezwi leNkosi elitholakala encwadini yamaHubo 34:18, elithi, uJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo, uyabasindisa abanomoya odabukileyo.” 

Previous articleUlahlwe yicala obhekene nelokubulawa kukaMeyiwa
Next articleI-Black Friday yindlela yokuntshontsha imali yabantu ngokusemthethweni