Ukuqaleka kuzokhipha izidumbu uma ingapheli i-lockdown

1185

SIGUDLA NOGALAKAJANA                                                                              ABDUL MILAZI

AVE kubuhlungu ukuqalekela usikilidi imali unayo, kodwa izitolo zingafuni ukukuthengisela. 

Umuntu usevele wafana nalaba bafana ababhema i-nyaope. Ngendlela engiqaleke ngayo, sengingaze ngibheme ngisho nayo insangu imbala kule lockdown.

Ngithe ngiyozama kuleli galaji lapho ngithela khona uphethilomu, benqaba, yize ngaziwa yiwona wonke umuntu lapho, kusukela kwimenenja kuya kulaba abawasha izimoto. 

Ngithe noma sengincenga ngithi mabangikhiphele wona ngomnyango wasemuva, ngeke ngimtshele uNdosi, bala baphetha.

Imali yami yonke iphelela kuleli galaji. Sekuphele iminyaka ewu-18 ngithela uphethilomu kulo, kanti futhi ngithenga noncamnce, umngenandlini njalo uma ngiphuma emsebenzini. 

Phela umnumzane akangeni nje endlini engaphethe maswidi uma enezingane. Nemoto yami nekamama wasekhaya ziwashwa khona. Ubungafunga ukuthi bazongizwela.

Eyotshwala yona ngiyayivuma, ngoba phela uma abantu sebebudlile, kabalaleli. Ungathola sebegcwele emigwaqweni, bengazi wena Corona, ngisho naleyo lockdown yakhona. 

Abanye bazithole sebengazi nokuthi bazalwa ngomabani, ngisho namagama abo imbala. Uthi uyambuza umuntu ukuthi ngubani igama lakhe, amane abuze wena athi: “Konje ngiwubani igama lami?”

Phela lapho amaphoyisa ayothwala kanzima ezama ukunqanda izidakwa. Izidakwa phela zifana nezimbuzi, uma ziziningi ngeke wakwazi ukuziqoqa. 

Yingakho-ke ngilivuma leli lotshwala, kodwa elikasikilidi kangilizwa kahle. Ugwayi kawukaze udake muntu, selokhu kwathi nhlo.

Uhulumeni akazange asichazele ukuthi kungani ugwayi kumele ungathengiswa ezitolo. Kasizange futhi sixwayiswe ukuthi ngeke uthengiswe. 

Utshwala sabuthenga ngamaqoma, sizwa ukuthi ngeke buthengiswe uma kuqala i-lockdown. Kwakumele sitshelwe futhi nangosikilidi, ukuze sizilungiselele. 

Bheka manje sesiqaleka sisodwa, sesixabana nemindeni yethu ngento engekho. Abasiki bebunda bathi udlame lubhokile, lumi ngezinyawo emizini yabantu, lubangwa wukuqaleka. 

Kuthiwa umama usemane ayilahlele nje impama kumnu-mzane, ngoba nje embuze ukuthi kudliwani. Kukhala ulabhabha nje abe ebuza umuntu wesifazane ethi: “Ungibuza ukudla nje ungibona ngiyibhodwe yini mina?”

Kuthiwa ne’qhoks’ selimane likhale empandleni, kungabi ndaba yamuntu, umama ephethwe wukuqaleka. 

Iyothi iphela le lockdown bani-ngi abayophuma benamakhanda amachofochofo kuhle kwebhola legalofu. 

Kanti lapho kubhema khona bobabili abazali, izingane sezilala nemoto egalaji, zizihluthulele ngaphakathi.

Abantwana sebeshayelwa ngisho nokusuza lokhu, sebesaba nokudla iklabishi nobhontshisi. Kuthi ingane isathi iphunyukile, kukhale iphini esiphongweni, kuthiwe: “Uphunyuka, uphunyuka ukunuka yini?” 

Ezinye sezesaba ngisho nokuhla-la kulab’ osofa besikhumba, ngoba phela uma uthi uyanyakaza, kuzwakala sengathi usuzile.

Isekude nokuthi iphele nayo le lockdown, kanti kusoleka sengathi izonwetshwa futhi, ngoba nakhu liya liyenyuka inani labantu abathelwa ngamachaphazelo aleli gciwane. 

Kanti nawo amashayina asola ukuthi lizobuya isibili okwendo-dana kaJehova.

Kuba kulezi zikhathi ezinjena-ke lapho ngifisa khona sengathi ngabe bengazana nomthengisi wezidakamizwa. 

Phela laba bantu kabehlulwa yilutho, bangophunyuka bemphethe, ovula kuvaliwe. 

Nalezi zincwadi okuthiwa kuhanjwa ngazo uma wenza umsebenzi obalulekile, phecelezi essential services, bebezozibhalela ezabo, beze nawo usikilidi endlini.

Previous articleUfisa amadodana akhe alandele kwezakhe
Next articleICorona izoba nomthelela omubi emnothweni wakuleli