Ukuvalwa kwezwe kulikhulisile ibhizinisi lakhe

907

NONHLAKANIPHO SHINGA

UNKK Thandi Dlamini ongumnikazi weThandi’s Fresh Produce

UKUSEBENZA ngendlela engavamile kwebhizinisi lakhe, kumsizile kakhulu njengoba izwe livaliwe (lockdown) owesifazane waKwaMashu odayisa izithelo nezitshalo ezahlukene. 

UNkz Thandi Dlamini, wenkampani iThandi’s Fresh Produce, odilivela amakhasimende emakhaya awo uma efake ama-oda, uthi usungule leli bhizinisi emuva kokuba ebeswela izitshalo ezisezingeni elicokeme (fresh) ngesikhathi esebhizinisini lokupheka. 

Uthi le nkinga iholele ekutheni aqale ukwakha ubudlelwano nabalimi abathile, agcine esethenga ngqo kubona izitshalo. 

“Ngifikelwe wumqondo wokuthi uma bengixakaniseka kangaka ngifuna izitshalo ezisesimeni esigculisayo, cishe bakhona nabanye abanenkinga efanayo neyami. 

“Ngiqale leli bhizinisi ngidilivela amakhasimende amane noma awu-5 kuphela, kodwa lagcina selidlondlobala ibhizinisi,” kusho yena. 

Leli bhizinisi ulisungule eminyakeni emithathu edlule kanti uthi unyaka nonyaka liyadlondlobala njengoba egcine esesebenzisana nanezinkampani ezinkulu eziphekela imicimbi, ezidayisela amaveji aseqotshiwe nezithelo esezilungisiwe. 

Wukukhula kwalo leli bhizinisi athi kugcine sekuholela ekutheni adayise ama-smoothie pack, athi asetshenziswa ngabathanda ukudla ngendlela enempilo. 

UNkz Dlamini uthi njengoba iNingizimu Afrika ibhekene nesikhathi esinzima kangaka njengoba kuhlasele iCovid-19, ukuphoqeleka kwabantu ukuba bahlale emakhaya sekulikhulisile ibhizinisi lakhe ngoba baningi abafuna ukulethelwa izi-tshalo. 

“Kuliqiniso ukuthi noma into ingaba yimbi kangakanani, kodwa kuyaba khona okuhle okuncane ngayo. Ngenxa yokubhebhetheka kwalesi sifo, kupho-

qeleke ukuba ngiyeke ukwenza ama-smoothie pack ngoba akumele sithinte ukudla ngezandla. Khona kunjalo, sekudingeke ukuba ngandise abantu engisebenza nabo ngoba maningi ama-oda angenayo njengoba abanye abantu bengathandisisi ukuphuma emakhaya baye ezitolo,” kusho yena. 

Uthi amahhovisi akhe aseBerea Centre, eThekwini, kodwa unezindawo ezithile adilivela kuzona. Nokho uthi uyaphoqeleka kwesinye isikhathi ukuba angayi ezindaweni ezikude ngaphandle uma ethola ama-oda amaningana kuleyo ndawo. 

“Izindawo engidiliva kuzona njalo yiseWestville, eDurban North, eGlenwood, eBerea, eMorningside nezinye eziseduze nedolobha. Ngeshwa-ke angikwazi ukuthatha i-oda eliseMlazi elilodwa noma amabili ngoba kukude futhi lokho kakuphusile kuleli bhizinisi lami. 

“Ngiyaye ngibakhuthaze abantu ukuba bahlanganise ama-oda abo okungenani babe yishumi noma babe ngaphezulu kwabawu-5 bese ngiyabadilivela-ke,” kusho yena. 

Yize enamahhovisi kodwa uthi akakwazi ukuvumela abantu ukuba bazilandele ngoba lokho kuzobe sekusho ukuthi kumele abe nabantu abazohlala emahhovisini kanti okwamanje usalikhulisa ibhizinisi. 

Uthi amakhasimende amaningi uwathola ezinkundleni zokuxhumana njengoba ethi esikhathini esingengakanani esizayo, unesifiso sokuvula amanye amahhovisi kwezinye izifundazwe. 

“Nginabantu abahlale bengibuza ukuthi kungani ngingenawo amahhovisi eGauteng noma eMpumalanga. Ngiyafisa-ke ukuthi ngelinye ilanga ibhizinisi lami likhule lize lifinyelele lapho,” kusho yena. 

Uthi ibhokisi ngalinye liyahluka masonto wonke njengoba kuya ngokuthi yiziphi izitshalo ezisuke zibiza kahle ngaleso sikhathi. 

“Ngenxa yokuthi intengo yezitshalo iyashintshashintsha ngaso sonke isikhathi, kuya ngokuthi yikuphi engikufice kubiza kahle ngalelo sonto. Ibhokisi lilodwa liyahlala isonto lonke noma amasonto amabili kuya ngokuthi ba-ngakanani abantu abakulowo muzi. 

“Ngiyaye ngiqinisekise ukuthi anayo yonke into abantu abayidingayo kusukela ezitshalweni nezithelo ezahlukene,” kusho yena. 

Previous articleKuyehluka ukucelwa kwentombi ebalekile
Next articleBAPHAWULILE abafundi bethu ngongqimphothwe kahulumeni mayelana nokuvunyelwa ukuba ugwayi uthengiswe esigabeni 4 sokuvalwa kwezwe (lockdown) njengoba ubuye wajika emnyango wathi amaxhwele mawagwInye itshe, ngeke awunuke:-