BHEKI NDLOVANA
INGEKHETHEKILE impilo ephilwe yiNkosi yakwaButhelezi, eMahlabathini, uMntwana waKwa-Phindangene, uMangosuthu Buthelezi.
Abaningi abebesondelene nayo bayichaza njengohlobo lomuntu olungandile.
Kusukela ekuzalweni kwayo, kuze kufike ekugcineni kwempilo yayo, indlela eyihambile ichazwa njengebabazekayo.
Maningi amagama labo abamazi kangcono uShenge nabebesondelene naye abamchaza ngawo. Abanye bathi ubeyinsika eqinile ebisekele isiZwe samaZulu. Abanye bamchaza njengenqolobane yomlando ojulile futhi onothile wesizwe nomlando wezwe jikelele oqondene nezombusazwe. Kukhona abambiza ngengcithabuchopho nomholi obekhaliphe ngokwedlulele.
Mhla ka-27 kuNcwaba (August) nonyaka, uShenge ubehlanganisa iminyaka ewu-95 wabona ilanga. Yilolu suku, ngo-1928 aqala ukubona ngalo ilanga.
Wazalelwa esibhedlela KwaCeza, eMahlabathini – ezalwa yiNkosi Mathole kaMkhandumba kaMnyamana, emzala noMntwana uConstance Magogo owayezalwa yiSilo uDinuzulu kaCetshwayo.
UMntwana uMagogo wayengundlunkulu weshumi esithenjini seNkosi uMathole. Nakuba ukuzalwa kwakhe kwaba yizindaba ezimnandi okoju kubazali bakhe, kodwa kuthiwa kwaqubula uvalo lokuthi kwakungahle kuvuse umona kubanewabo ababezalwa ngamanye amakhosikazi eNkosi uMathole.
Ngenxa yalolo valo, kuthiwa kwavunyelwana noninalume, iSilo uSolomon kaDinuzulu, ukuba uMntwana nonina baphume esibhedlela bangayi emzini weNkosi uMathole, kodwa baqonde esigodlweni seSilo KwaDlamahlahla, eMahhashini, KwaNongoma.
INkosi uMathole izwa izindaba zokuzalwa koMntwana uMangosuthu, kubikwa ukuthi yajabula ngokweqile, ingakholwa wukuthi zaziyiqiniso.
Kuthiwa yaze yathi kungenzeka ukuba lezo zindaba kwakungamanga asoSuthu
enjwayelo. Yilapho-ke kubikwa ukuthi kwaqhamuka khona igama “uMangosu-thu”, inkosi eyamqamba ngalo uMntwana.
Igama lesibili elithi Gatsha, kwakuyi-siteketiso asiqanjwa ngowayengumfelokazi kayisemkhulu, iNkosi Tshanibezwe kaMnyamana kaNgqengelele. Amanye amagama anikwa wona ebhabhadiswa ngu-Ashpenaz nelinye elithi Nathan.
UMntwana uMagogo neNkosi Mathole kubikwa ukuthi bathembisana ngokuse-mthethweni (umshado) ngo-1925. Ngaleso sikhathi iNkosi Mathole yayineminyaka elinganiselwa ku-35, uMntwana uMagogo enelinganiselwa ku-25 ubudala.
Njengoba unina kaShenge wa yengumntwana weSilo uDinuzulu, ilobolo lakhe lakhishwa yisiZwe sakwaButhelezi, okwakukhomba ukuthi nguyena owayezozala indlalifa yeNkosi uMathole.
Kuthiwa kwake kwasuka ukukhuluma emzini weNkosi uMathole ngaphambi kokuba igcagcelwe nguMntwana uMagogo.
Kubikwa ukuthi kukhona abatshela uMntwana uMagogo ukuthi inkosi ya-yingasakwazi ukuthola abantwana.
Lokho kuthiwa kwamudla uMntwana uMagogo waze waya kumnewabo, iSilo uSo-lomon, eyobuza ukuthi kungani eyoganiswa umuntu ongasakwazi ukuthola abantwana.
INkosi uSolomon yakuchitha lokho.
Kuthiwa uMntwana uMagogo wahlala elindile kwadlula unyaka, u-1926, kwa-phinde kwadlula u-1927.
Ukwedlula kwaleyo minyaka engatholi umntwana, kuvela ukuthi kwamkhathaza kakhulu, waze wazila ngisho ukudla, ekhu-lekela ukuba athole umntwana womfana.
UMntwana waKwaPhindangene wahlala wakhululela koninalume eMahhashini, wafunda waze wafinyelela ebangeni lesikhombisa. Emuva kwalokho wathathwa wayofunda e-Adams College.
INkosi uMathole kubikwa ukuthi yakhothama ngaphambi kokuba uMntwana ayiswe ukuyofunda e-Adams College. Ngaleso sikhathi uShenge wayeneminyaka e-14 ubudala. Sekukhotheme uyise, kubikwa ukuthi kwaqokwa ibambabukhosi, uMaliya-makhanda Buthelezi, owayengumfowabo weNkosi Mathole.
UShenge wafunda waze wethweswa imiyezane yeziqu zmfundo ephakeme e-University of Fort Hare.
•Ulwazi lucashunwe encwadini ekhuluma ngempilo yoMntwana waKwaPhindangene esihloko sithi, BUTHELEZI: A biography, eya-bhalwa nguBen Temkin