USjava uqinise ikhanda ngezithinta ubudlelwano nabesifazane
Ayanda Buthelezi
UQINISE ikhanda wangaphumela obala ngezithinta ubudle-lwano bakhe noLady Zamar, uSjava okumanje umataniswa nomculi wesiTsonga, uSho Madjozi, (anaye esithombeni) osanda kuwina indondo kwiBET.
Ukumataniswa ngokobudlelwano kukaSjava noSho Madjozi kuqutshulwe yisithombe esishuthwe komunye
umcimbi ngempelasonto, esishiye
abaningi beqagula ukuthi kukhona okushaya amanzi phakathi kwabo bobabili.
USho Madjozi uziphendulele ngokuthi ubuchule bomthwebuli yibona obenze isithombe sadonsa amehlo.
“Benginoqhakaza ebusweni abengisusa bona uSjava. Nokho sihle isithombe futhi nginecebo lokusikhulisa ngisibeke odongeni ngoba sikhombisa inkosazane yesiTsonga nenkosana yamaZulu,” kusho yena.
Ethintwa uSjava, ubuze ukuthi kungani kumele anekele abantu angabazi izindaba zakhe zothando, wathi akasi-boni isidingo sokukhuluma ngokuthi uthanda bani futhi akathandi bani.
“Kangikwazi, ngeke ngikhulume nomuntu engi-ngamazi ngezindaba zami,” kusho yena.
Ezothando ezithinta lo mculi zivumbululwe yingxo-xo ILANGA elibe nayo
noLady Zamar oveze ukuthi kube nzima ukwamukela ukwahlukana kwakhe nalo mculi. Kuchachambe izihlathi kuLady Zamar ngesikhathi ebuzwa ngobu-dlelwano bakhe noSjava, abaningi abaqale ukuzwa ngabo sekuqhamuka izindaba zokuthi sebehlukene.
“Yebo, besinobudlelwano obuqinile futhi sichithe iminyaka emibili sindawonye kusukela ngoNhlangulana (June) 2017 sahlukana nonyaka,” kusho uLady Zamar.
Uwachithile amahlebezi okuthi bese behlala ndawonye, kodwa wakucacisa ukuthi ubemthanda futhi usamthanda uSjava, kuphoxe amahlebezi nezihibe ezithile okube nzima ukuzibekezelela. Uthe kuningi obekukhulunywa, kuthiwa unengoduso nokunye obekunzima uku-kwamukela. Ebuzwa uLady Zamar ukuthi kungenzeka yini ukuba baxoxisane, uthe konke kusezandleni zikaNkulunkulu. Okunye ngoLady Zamar ekhasini 15.
ayandab@ilanganews.co.za