Ulahlwe ngamacala (4) owabulala umngani egqiba ubufakazi

523

JOHN HLONGWA

KUHLWE emini kowesilisa waseHighflats – owabulala umngani wakhe ezama ukucisha ubufakazi ngecala alenza naye – ngesikhathi elahlwa ngamacala yiNkantolo eNkulu yaseScottburgh, ngoLwesine.

UNhlanhla Mkhize (27) (osesithombeni), ulahlwe ngamacala amabili okubulala elokubulala uCebelihle Thobelani Hlongwa (23) noKhalesakhe Jwara (29), owayengumngani wakhe omkhulu – elokuthumba nelokushaya. La macala enzeka kwaDumisa, eMzinto ngo-2021. UNhlanhla wabulala uJwara ngoba edinwa wukuthi uthe uzokhuluma lonke iqiniso ngokubulala kwabo uHlongwa, ababemsola ngokuthi untshotshe amateku kaMkhize.

Kulindeleke ukuba agwetshwe mhla ka-28 kuZibandlela (December). 

IJaji uM Chetty, lithe ubufakazi bakhe kabuthembekile njengoba bebushayisana nobomfowabo, owabizwa nguyena ukuba amfakazela. 

“Umfowenu utshele inkantolo ukuthi wena ngesikhathi sesehlo wawungasasebenzi, kodwa wena uyikhohlisile wathi wawusebenza. Ukungayi kwakho emngcwabeni womngani wakho, kushayelele isipikili sokugcina sokuthi uyathinteka ekufeni kwakhe. Uzithethelele ngokuthi kawuyanga ngoba wawusebenza, kodwa umfowenu uthi ngaleso sikhathi wawungasasebenzi,” kusho iJaji.

Liveze nokuthi ngesikhathi ethumba uHlongwa, wafonela unina, uNkz Makhosazana Hlongwa, embikela ukuthi indodana yakhe imntshontshele amateku. 

“Unina wakhokha u-R5 000 ezama ukuphephisa umufi,” kusho ijaji. 

UNkk Zanele Jwara ongunina kamufi, uthe uyajabula ngesinqumo. 

Previous articleUmphenyi udedele amabhomu kwelokubulawa kwephoyisa
Next articleUmshushisi “uhlube udlubu ekhasini” kwelokubulawa kukanjiniyela waseTransnet