SKHOSIPHI MTHEMBU
ULAHLWE ngelakubo owesilisa – okuthiwa uyinkabi – osolwa ngokudubula alimaze ikhansela leNational Freedom Party (NFP) namuhla ekuseni KwaNongoma. Kubikwa ukuthi kusize umphakathi omhlale ezithendeni lo mlisa, wamubamba kwaze kwafika abakwasidlodlo.
UMn Mphathiseni Manqele oyikhandela ku-ward 4 khona KwaNongoma, kubikwa ukuthi ubehamba nabaqaphi bakhe ebheke emsebenzini njengoba ebuye abe nguthishanhloko kwesinye sezikole khona KwaNongoma. Kuthiwa umsolwa ubehamba nabathile, okusolwa ukuthi bebelandela uMnu uManqele, okuthe esengasesibhedlela iBenedictine, bavulela ngenhlamvu bebhekise kuyena.
Onogada bakaMnu Manqele kuthiwa baphendule ngenhlamvu, abahlaseli bacela empunzini. Bahujwe wumphakathi, njengoba ugcine ubambe lo oyedwa. Ezinkundlela zokuxhumana kusabelele i-video lapho kubonakala lona wesilisa obanjwe wumphakathi efakwe amasongo kaSigonyela, eqhutshwa ngamaphoyisa nawo amalungu omphakathi emngungile amanye ethatha izithombe.
Okhulumela iNFP eZululand, uMnu Sphamandla Mahlobo, ugxeke uhulumeni, noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu ngokuyekelela isimo size sifike kulesi. Uthe kade kwasa bekhala ngokuthi amakhansela – ikakhulu KwaNongoma – agadwe ngamaphoyisa ngoba kuyaziwa ukuthi unezinkinga. Uqhube wathi inkinga yaKwaNongoma indala, ngakho ukuqashwa ngonogada kabakuboni kuzobasiza njengoba zilokhu ziqhubeka nezigameko zokudutshulwa kwamakhensela.
“Indaba yakwaNongoma iyaziwa, kunamacala okudutshulwa kwamakhensela agcina ephelela emoyeni. Ziningi izigameko lapho amakhansela aye ebike uma impilo yawo isegcupheni, kodwa enganakwa agcina esebulawa. Umsebenzi wamaphiyisa wukuvikela umphakathi, ngakho kumele asivikele uma kuvela ukuthi kasiphephile,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, uthe kuvulwe amacala amabili okuzama ukubulala emuva kokuba owesilisa oyikhansela ebesemotweni yakhe nabathile kwabe sekuqhamuka umsolwa wavulela ngenhlamvu ebhekise kubona. Uthe ikhansela nebelihamba nabo baphuthunyiswe esibhedlela besesimeni esibucayi. Ukuqinisekisile ukuthi umsolwa ubanjwe ngamulungu omphakathi, waboshwa.