Ulahlwe yicala obhekene nelokubulawa kukaMeyiwa

189

THANDOLUHLE NGUBO

UTALATIYA luyelakanyana komunye wabamangalelwa ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, njengoba elahlwe ngelinye icala namhlanje. UMuzikawukhulelwa Sibiya, ulahlwe yiNkantolo yeMantshi yaseThembisa ngecala lokutholakala nezidakamizwa nezinhlamvu ezingekho emthethweni. Lezi zinto wabanjwa nazo ngosuku aboshwa ngalo, mayelana necala lokubulawa kukaMeyiwa. Kulindeleke ukuba agwetshwe mhla ka-18 kuMasingana (January) wonyaka ozayo. Ngesikhathi iMantshi uJerome Joseph imlahla ngala macala, ithe buyagculisa ubufakazi obethuliwe, obuveza ukuthi uMuzikawukhulelwa watholwa namasaka  awu-10 e-heroine, futhi wazivumela ngowakhe ukuthi uyayidayisa.  Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka owedlule, uMuzikawukhulelwa wagwetshwa iminyaka ewu-12 yiNkantolo yeMantshi yaseVolslorous ngecala lokuzama ukubulala owayeyintombi yakhe ngo-2014. Isigwebo azosithola ngokulahlwa ngamacala eThembisa, sizokwengeza kulesi sokuzama ukubulala.

*Khonamanjalo, kusaqhubeka ukulalelwa kwecala lokubulawa kukaMeyiwa lapho kudingidwa udaba olumayelana nobuqotho bezitatimende zabamangalelwa – okunguye uMuzikawukhulelwa nommangalelwa wesibili, uBongani Ntanzi – okuthiwa bazenza bevuma icala. UMuzikawukhulelwa noBongani, batshela inkantolo ukuthi bashaywa kanzima ngamaphoyisa ebaphoqa ukuba bavume icala.

Previous articleI-IFP iqeda ukudidenga ngobudlelwano nabasophe ukuguqisa i-ANC
Next articleUlahlwe yicala obhekene nelokubulawa kukaMeyiwa