SKHOSIPHI MTHEMBU
“ANGISOZE ngijatshuliswe wukuwa kwenye indoda, kodwa ngijabule ukuthi iqiniso selivelile ekugcineni.”
Lawa ngamazwi kaMfu Thanduxolo Bada, onguyise kaNkk Khulukazi Ndlovu (38) (osesithombeni), owabulawa ngumyeni wakhe, uSfiso Ndlovu (46).
Ukusho lokhu ngemuva kokuba iNkantolo eNkulu eThekwini, ilahle uSfiso ngamacala amathathu; elokuthumba, ukubulala nelokucekela phansi impahla.
Ijaji uMohin Moodley, limlahle ngecala labe selinqamula ibheyili yakhe.
USfiso ulahlwe ngamacala okubulala inkosikazi yakhe nje, ubesenengoduso entsha, ayilobole ebhekene necala lokubulala. Uqede ukulahlwa yicala, umndeni wakhe wabe usumhambisela isikhwama ebesinezingubo zokushintsha. Uzogwetshwa ngoLwezi (November).
ILANGA Lempelasonto likhulume noyise kamufi ngemuva kokulahlwa kukaSfiso ngamacala, othe yize elahlwe yicala, akusoze kwamjabulisa ukuwa kwakhe.
Uthe okumjabulisayo wukuthi ekugcineni seliphumile iqiniso ngokuthi indodakazi yakhe yabulawa nguyena.
“Sonke lesi sikhathi ubephika, engakholwa ukuthi ngumkakhe lona owatholwa emotweni eshisiwe. Ngisho sekwenziwe ulibofuzo olwaqinisekisa ukuthi nguyena ngempela uKhulukazi lona, yena ubesalokhu emile ekutheni akuyena. Ngiyajabula ukuthi seliphumile iqiniso futhi usezoyobhekana nesigwebo samacala akhe,” kusho uMfu Bada.
Uthe usemxolele uSfiso ngakwenza.