“Ulanyulelwe uNyazi” obekhala ngomnikelo wezipikha

371

I-video yentshumayelo kaMnu Khoza iwundabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana

JOHN HLONGWA

ISINDE isiboshelwe amanqina enyathi okuthi ixoshwe ebandleni inhlalisuthi esizakhele udumo ngentshumayelo yayo ezungeza ezinkundleni zokuxhumana, ikhala ngenkohlakalo yokudliwa kwemali ethi iqhubeka ebandleni lakwaShembe ohlangothini lwaseBuhleni, oluholwa iNkosi Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe. UMnu Mkhathini Khoza (osesithombeni) ukhonza ethempelini eSabelweni, eMlazi. Ezinkundleni zokuxhumana kusabalale intshumayelo yakhe ezwakala ethi: “Ngagcina kuthiwa sinemali ewu-R150 000, nanamhlanje izipikha lutho esontweni kodwa abantu bahamba ngamakhulu amaveni, esontweni. Yashonaphi imali yezipikha Mthethwa?” Ngesikhathi ebuza lo mbuzo ku-Mthethwa, kuzwakala ibandla lihhomuzela lithi: “Hhawu”.


ILANGA lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi le ntshumayelo imdalele amazinyo abushelelezi uMnu Khoza njengoba besekuthiwa akamiswe ebandleni iminyaka emithathu. “Le ntshumayelo wayenza kwelinye lamathempeli eShowe lapho ayemenywe khona emasontweni amathathu edlule. “Ngemuva kokuputshuka kwale video ngeSonto eledlule uhlaselwe abantu abawu-4 emzini wakhe eMlazi, bamthatha bamkhomba eBuhleni bathi uNyazi luyamfuna. Bafike bamqulisa icala, base bethi bayamumisa iminyaka emithathu ebandleni, bakwenze lokhu bengazange babonane noNyazi,” kusho umthombo. Umthombo uqhuba uthi uMnu Khoza usindiswe umholi webandla uNyazilwezulu ukuthi angaxoshwa. “UKhoza uzonele ngokukhuluma izindaba zebandla budlabha esebenzisa intshumayelo. Lokhu kubacasule kakhulu abanye.

Le mali akhuluma ngayo yayiqongelelwa yizinsizwa zebandla (inhlalisuthi), zihlose ukuthengela ibandla laseBuhleni izipikha. “Abazalwane abaningi bayameseka. Ngemuva kokuba emisiwe, uNyazi lumbizile lwamtshela ukuthi makaqhubeke akhonze, kodwa makame kancane ukushumayela ezinkonzweni nasezitimeleni,” kusho umthombo. Intshumayelo kaMnu Khoza ezinkundleni zokuxhumana ingundabizikwayo, kwakhiwa ngayo amahlaya, babodwa abaveza izipikha ezinkulu ezikhashwa yiphimbo lakhe.Okhulumela ibandla ohlangothini lwaseBuhleni uMnu Lizwi Ncwane utshele ILANGA ukuthi udaba selufikile kubona lwaxoxwa. “Ukhulume kabi esepulipiti esebenzisa intshumayelo, lokho kuchaza ukuthi abantu abekhuluma ngabo ubancishe ithuba lokuziphendulela njengoba indaba isichitheke emphakathini.


“Bekumele yena abike udaba kwabaphethe, bese kulandelwa imigudu yangaphakathi ebandleni. Imininingwane ngalolu daba sizoqhubeka siyibheke kodwa okwamanje sisaphazanyiswe yinkonzo kaNtulikazi (July) esaqhubeka,” kuphetha uMnu Ncwane. Ethintwa uMnu Khoza ngalolu daba uphikile ukuthi umisiwe. Wathembisa ukuxoxa neLANGA namuhla ngoLwesine esebonane nabaphathi bebandla. hlongwaj@ilanganews.co.za

Previous article“Obulale” usana ujeziswe ngokugoniswa nokubelethiswa isidumbu salo
Next articleONESI BAKULELI ETHUBENI LOKUFUDUKELA EGERMANY