Ulaxaze isicelo sebheyili “owabulala” inkosikazi wayigqiba

460

SKHOSIPHI MTHEMBU 

UKHETHE ukungasifaki isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseNsuze owesilisa waseQabavu, eNdwedwe, osolwa ngokubulala inkosikazi yakhe eminyakeni emibili edlule, maqede isidumbu sayo wasigqiba egcekeni lomuzi wabo.

UMnu Khethayiphi Ntombela (36) (osesithombeni), ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngeSonto emuva kokuba ehlambulukile emndenini wakhe ngokubulala umkakhe, uNkk Fikelephi Ntombela, uMaDlomo (31). Uhlambuluka nje, bese kuphele iminyaka emibili inkosikazi yakhe ingaziwa ukuthi ikuziphi izinkalo. Uveze ukuthi umufi wambulala ngokumshaya ekhanda. 

UMshushisi, uPrince Mnyayiza uthe umbuso uzosiphikisa isicelo sebheyili ngenxa yobucayi becala elethweswe uNtombela. 

Ebuzwa ngommeli, ucela ummeli wamahhala, wabe eseveza ukuthi akazimisele ngokufaka isicelo sebheyili. 

Icala lakhe libe selihlehliselwa uMasingana (January).

Previous articleUcebisa abazali ngokwelukwa kwezingane
Next articleUmthandazo wesitobha soSuthu ngawaseKZN kwiCarling