Uthole ithuba lokudlala i-cricket elokshini eMlazi
MZWAMANDLA ZONDI
UMDLALI osemncane waseMlazi uLifa Ntanzi unxenxa abazali ukuba bazeseke izingane zabo ukuze ziphumelele kwezemidlalo. UNtanzi ubekhuluma neLANGA ephuphuma yinjabulo kulandela ukwenyuselwa kwakhe esikwatini esikhulu seHollywood Dolphins okuyiqembu laKwaZulu-Natal lekhilikithi.
UNtanzi oneminyaka engu-18 ubudala uthi uzimisele ukulibamba ngezandla zombili ithuba alinikeziwe ukuze ahambe ibanga elide kulo mdlalo. Utshele leli phephandaba ukuthi uqale lo mdlalo esenza amabanga aphansi eNdongeni Primary School esesigcemeni sakwa-M khona eMlazi.
“Ngiqale lo mdlalo ngisafunda eNdongeni ngesikhathi kunemidlalo yeKFC Mini Cricket. Bengizidlalela nje, ngagcina senginothando ngangabe ngisabheka emuva. Imidlalo yeKFC ingisize kakhulu ukuveza ikhono lami.
“Okunye okungisizile wukuthi abazali bami bebengeseka ngaso sonke isikhathi. Yonke into ebengiyidinga bengiyithola. Into eshaya intsha eningi ikakhulukazi emnyama wukuthi abazali bethu kabaseseki ezintweni esizenzayo sigcine sesidikibala.
“Abazali bami bebenami ngaso sonke isikhathi. Yilokho okungenze ngadlala ngokukhulu ukuzimisela ukuze ngingabaphoxi. Ukudlala kahle kwami kuholele ekutheni ngithole umfundaze ngaya kofunda eGlenwood High School,” kubeka uNtanzi.
Lo mdlali ungena eGlenwood nje, udlale kaningi ezigabeni ezi-ncane kusuka ku-U/13; U/15 no-U/19. Useke wamela iNingizimu Afrika amahlandla amathathu kwi-U/19. Nyakenye ubese-India lapho ebedlala khona eqenjini lesizwe lika-U/19 bedudulana nayo i-India. Uthi lolu hambo lwase-India akasoze alukhohlwa empi-lweni yakhe. Uthi umndeni wakhe ubujabule kodwa unokwesaba ngoba ubezohamba inyanga yonke engekho ekhaya.
“Njengoba ngiqokwe eqenjini lesifundazwe ngizimisela ukudlala ngize ngifike ezingeni likaDale Steyn okanye uKagiso Rabada nami ngimele izwe eminyakeni ezayo. Uma ngikwaze ukumela izwe kobe sengikwenze konke empilweni yami kulo mdlalo,” kusho yena.
Omunye umdlali okhushulelwe esikwatini esikhulu seDolphins ngu-Andile Mokgakane.
* Kusenjalo, iCricket South Africa (CSA) iqoke uGraeme Smith kwesokuba ngumdidiyeli weKhilikithi. USmith uzoqhoqhobala lesi sikhundla kuze kube uNdasa (March) 2022.
USmith ungomunye wabantu abanolwazi olunzulu lwekhilikithi njengoba eke waba ngukaputeni weProteas okuyiqembu lesizwe