Umagange ngenselelo entsha kwiChiefs

27

UStuart Baxter uthi usekulangazelele ukuqala umsebenzi wakhe kule kilabhu

SENZO SOKHELA 

UTHEMBISA lukhulu umqeqeshi omusha weKaizer Chiefs oku-bhekwe ukuba abuyise izinsuku zenjabulo kule kilabhu. 

IChiefs yethule uStuart Baxter (osesithombeni) njengomqeqeshi wayo omusha izolo ngoLwesitha-thu emini, eGoli. 

UBaxter ungena esikhundleni sikaGavin Hunt okhonjwe indlela emasontweni ambalwa edlule. 

Usayine inkontileka yeminyaka emibili. IChiefs iqasha lo mqeqe-

shi nje, nguyena ogcine ukuwinela le kilabhu izinkomishi eminyakeni ewu-6 eyedlule. 

UBaxter uthi kuyintokozo ukubuya kule kilabhu enomlando ebholeni lakuleli. 

“Kumqoka ukuthi abantu bakuqonde ukuthi abaqeqeshi abebelapha kwiChiefs emuva kwami, ababhedi abanye babo bangabaqeqeshi abaseqophelweni eliphezulu. 

“Ukubuya kwami akusho ukuthi ngizobhidliza yonke into abebeye-nzile. Engikubuyele wukuzozama ukubuyisa isiko lale kilabhu. 

“IChiefs isinkulu kakhulu kunangesikhathi ngigcina ukuba kuyona. 

“Ngiyazi ukuthi kuningi oku-bhekwe kimina kodwa kuningi okushi-ntshile nezinga leligi likhulile.

“Amakilabhu lawa abethathwa kancane akuselula ukuwehlula. Kuzoba nzima kodwa nginethemba lokuthi ngizowenza umehluko yize ibhola selikhulile,’’ kusho uBaxter. 

Uqhube ngokuthi ukulangazelele ukubhekana nenselelo entsha. 

“Ngesikhathi ngifika kwiChiefs ibinganqobile lutho ngikubeke emahlombe ami ukuthi kube khona ekunqobayo. 

“Kodwa-ke inhloso yami bekuwukwakha kabusha ikilabhu ngihlanganise nabalandeli, ngizame nokubuyisa ibhola leli iChiefs eyaziwa ngalo. 

“Namanje ngizozama ukwenza okufanayo,’’ kusho uBaxter.

Ephawula ngomqhudelwano weCaf Champions League njengoba iChiefs izobhekana neWydad Casablanca kuma-semi final, uthe kunezinto ezimqoka asazozibhekisisa. 

Uthi kuzofanele baqinise kakhulu uma besekhaya.

Uthi u-Arthur Zwane noDillon Sheppard abebebambile benze kahle kakhulu futhi angakuthokozela ukubakhulisa. 

Ngesikhathi uBaxter ekwiChiefs ehlandleni lakhe lokuqala ecija le kilabhu, wayinqobela isicoco seligi kabili waphinda wafaka ekhabetheni layo nezinkomishi ezi-mbili zomkhumulajezi. 

Ngesizini ka-2012/2013 wanqoba iligi neNedbank kwathi nangeyo-kugcina ka-2014/2015 wawina iligi neMTN8.

Kunezikhawu lapho ayephumela khona obala ngokungahambi-sani nemibono yabalandeli beChiefs ababehhewula uKingston Nkhatha waseZimbabwe owaye-ngumgadli wale kilabhu. 

UBaxter wayethi akaziboni eqhubeka nokuqeqesha ikilabhu enabalandeli abacekela phansi abadlali bayo.

Previous article10 June 2021
Next articleUShenge ukhumbule uMnu Kaunda ngolokuzalwa