Umakhelwane usole uSathane ebulala umfundisi

455

SKHOSIPHI MTHEMBUĀ 

UKHALE ngokuhlaselwa nguSathane ngesikhathi ezinikela emaphoyiseni owesilisa ogwaze wabulala umfundisi we-United Congregational Church Of Southern Africa (UCCSA), eMkhomazi.

Kubikwa ukuthi uMfu Khulekani Mbili (52) (osesithombeni), ugwazwe wabulawa ngumfana wakwamakhelwane wakhe abejwayelene naye. 

Kuthiwa isidumbu sakhe sitholwe yilungu lebandla emzini wakhe silele edanyini legazi, sinenqwaba yamanxeba emzimbeni. 

Ngokuthola kwaleli phephandaba, uMbili ubehlala yedwa emzini wakhe, umsolwa ubejwayele ukumsiza ngemisebenzi emincane yasekhaya, emwashela imoto, emkhelela amanzi. 

ILANGA lithole ukuthi umsolwa wenze lokhu ngoba esola uMbili ngokuthi untshontsha amandla akhe kamoya. 

Umthombo waleli phephandaba ulitshele ukuthi ngoLwesibili, uMbili ubezoba nendlela nelinye ilungu lebandla ekuseni, 

kuthe uma lifika emzini wakhe, lamemeza esangweni, kodwa wangaphuma. Libona engaqhamuki, lingene ngaphakathi. 

Uqhuba umthombo uthi, lifike langqongqoza kwangavula muntu, langena, lazithela phezu kwesidumbu. 

Libe selihlaba umkhosi komakhelwane, kwabizwa namaphoyisa. 

Esefikile amaphoyisa, umsolwa uye kuwona, wagonyuluka ukuthi nguyena obulele uMbili, maqede wacela uxolo, wathi ubehlaselwe nguSathane.

UNkk Ningi Ngcobo ongunobhala we-UCCSA KwaZulu-Natal, uthe bashaqekile ngokubulawa kukaMbili ngesihluku esinjena. 

Uthe sebexhumene nomndeni wakhe, kodwa basawunike ithuba njengoba isigameko besisanda kwenzeka. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala, amaphoyisa  abophe umsolwa okulindeleke ukuba avele enkantolo maduze.

skhom@ilanganews.co.za

Previous articleAkusensuku zatshwala kwethulwe isabelomali saphakathi nonyaka
Next articleIsikhuni sibuye nomkhwezeli kubasolwa ā€œabadubuleā€ amaphoyisa