MTHOBISI SITHOLE
UKHUMBULE uMnu Welcome “Bhodloza” Nzimande ngengoma kamaskandi umakadebona kwezo-mculo wamahlaya ne-gospel, uMichael “Makitaza” Zondi wodumo lwengoma eyayithi “Kitaza Jive”.
UMakitaza – owake wakhipha i-albhamu yamahlaya ngokuhlanga-nyela nengqwele yalolu hlobo lo-mculo, uVusi Ximba (ongasekho) – ukhiphe ingoma ethi “Bhodloza Siyabonga” ngokubambisana nomculi kamaskandi, uMaqhinga Radebe.
UMakitaza utshele ILANGA ukuthi kukhulunywa eyokuthi wagcina eve-lele emculweni nje, kungenxa ka-Bhodloza owamthatha engelutho, wamphakamisa.
Uthe yilokho okwenze ukuba naye adlulise isililo sakhe ngokukhethe-kile, ngale ngoma esitholakala ezitolo zomculo online. “Kayikho enye indlela yokuphakamisa imisebenzi yale ndoda ngaphandle komculo.
“Ngikholwa wukuthi umculo uyi-nqolobane yangunaphakade eyo-ficwa yizizukulwane ngezizukulwa-ne. Le ngoma ilungele bonke abantu abathanda isintu, futhi injalo nje iculeka kalula.
“UBhodloza uwuphakamise ka-khulu umculo wesintu, kufanele senze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi wakhe kawushabalali,” kusho uMakitaza.
Uthi ngo-1988 kuya ku-2001, waye-sebenzela uKhozi FM, enandisa ezinhlelweni zalesi siteshi ngama-hlaya akhe.
Uveze ukuthi leli thuba walithola ngenxa yezincomo zikaBhodloza.
Leli thuba uthi lamphakamisa kakhulu yize ngaleso sikhathi kwa-kuqale ngokuthi angatholi ngisho indibilishi, kodwa wagcina esenikwa onsumbulwane.
Uthi ingosi yakhe eyayithi “Lwa-bheda Uhlelo”, yakhombisa ukutha-kaselwa kakhulu. “UBhodloza wan-gilekelela kakhulu emsebenzini wami, wayekholelwa kakhulu kwezobuciko nokuthuthukiswa kwazo,” kusho uMakitaza othi waqala uku-ngena kwezomculo ngo-1980 kanti ngo-1990 wakhipha iqembu elibizwa ngeThulamsindo ngokubambisana noSjula Mnisi – owayengumsakazi woKhozi FM – naye uBhodloza.
Wagqama kakhulu ngeqembu lakhe le-gospel, iMvuselelo yaseNatal ngo-1998 elashaya ama-platinum amabili.
UBhodloza udlule emhlabeni no-nyaka, eneminyaka ewu-74 ubudala kanti wayeshiye oKhozini FM ngo-2010.