NONHLAKANIPHI SHINGA
USHIYE abaningi bengawuvali umlomo uNkk Smenyiwe Majola, uMaMzimela (27), waseBucanana, eMpangeni, emuva kokushada nomyeni wakhe, uMnu Thami Majola (30), engasekho emhlabeni ngeledlule.
Ungene esigcawini ngosuku lomgcagco nesidumbu somyeni, wasina begcina usiko
lomshado wesintu njengoba bekuwusuku obekumele bashade ngalo.
Exoxa neLANGA uNkk Majola ngokumehlele – eshonelwa ngumyeni sekusele izinsuku ezintathu babophe ifindo likasofa silahlane – uthe kube yisifiso sakhe esikhulu ukuthi uqhubeke umshado yize noma eseshonile umyeni.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, umshado bekufanele ube mhla ka-10 kwephezulu – okube wusuku okugcine kungcwatshwa ngalo uMnu Majola. Ungcwatshwe ngemuva kokuba umkakhe asine esigcawini.
UNkk Majola uthe akazi ukuthi usithathephi isibindi sokungakhali kakhulu ngesikhathi esesigcawini njengoba kusabalale izithombe zakhe esina sengathi kakonakele lutho.
“Ngokwesintu umshado vele kawuhlehli, kodwa ngoba nami bengifuna ukushada naye, yingakho ngibone ingekho inkinga ekutheni ngiqhubeke nomshado.
“Ngaphambi kokuba ngigqoke ekuseni, ngilungiselela umshado, ngiqale ngaba nosuku olunzima kakhulu. Ngiqale ngakhihla isililo,” esho.
Ngesikhathi ILANGA likhuluma naye, ubezwakala ukuthi akakakwazi ukukhuluma ngokukhululeka, kuzwakala ukuthi ubambe izinyembezi.
Uveze ukuthi ubesethandane iminyaka emine nomyeni wakhe, bebengakabi nabo abantwana ndawonye, yize bese benabo ngokuhlukana.
Elanda ngokwenzeke kumyeni wakhe, uthe:
“Uqulekile nje esendlini kubo, kwathi kuyaphuthunywa, kubhekwa ukuthi udliwa yini, kwabe wukuphela kwakhe. Namanje kusenzima kakhulu kimina ukwamukela ukuthi akasekho emhlabeni singasakwazanga ukuphila impilo ebesiyifisa,” esho.
Abaningi ezinkundleni zokuxhumana bababaze isibindi sikaNkk Majola njengoba ebelokhu efaka izithombe zakhe esesigcawini esina.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za