UMalema ubalule ukubaluleka kweKwaZulu-Natal kwezepolitiki

214

BHEKI NDLOVANA

UKUBALULEKA kweKwaZulu-Natal kwezombusazwe yikhona okwenze i-Economic Freedom Fighters (EFF) yaqoka ukwenza indumezulu yengqungquthela yokwethula uhlu lwezethembiso zayo zokhetho (manifesto) lwalo nyaka kulesi sifundazwe. Lokhu kuvezwe ngumholi waleli qembu, uMnu Julius Malema, esigcawini sabezindaba ebesiseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu. 

Le ngqungquthela izobe ikhona eMoses Mabhida mhla ka-10 kuNhlolanja (February). 

UMalema uthe lesi sifundazwe sibaluleke kakhulu kwezombusazwe, ngoba singesinye sezintathu ezihamba phambili ezweni ngokuba nabavoti abaningi. Uqhube wathi uma ufuna ukukinatela i-African National Congress (ANC), kumele uyidlisele ogageni eGauteng, KwaZulu-Natal naseWestern Cape.

“Ngicabanga ukuthi yiqiniso elaziwayo-ke ukuthi eGauteng (i-ANC) kayisenamzamo engawenza, iyazi ukuthi iphelelwe ngamaqhinga. Iyazi ukuthi ngeke isayithola iWestern Cape, futhi ngeke ilibone elidlalayo KwaZulu-Natal – bese ithola amavoti angaphansi kuka-60% ezifundazweni eziningi. Lokho-ke kuzokwehlisa umphumela (wamavoti kuzwelonke) ezowuthola,” esho. Uthe ukhetho lwanonyaka luzoba wumqansa kwi-ANC nakwi-IFP KwaZulu-Natal.

bhekin@ilanganews.co.za

Previous articleIthemba ngokunqotshwa kwendlala yamanzi eMkhanyakude naseZululand
Next articleUsegxile kwelama-solar umaskanda “ovinjwa” nguSomnandi