Umndeni wabafi uthi ubuhluleka nokulala ucabanga indlela ababulali abebedelela ngayo
SKHOSIPHI MTHEMBU
LIBALAHLE kabili elakubo ababulali eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ibagweba odilikajele maqede yachitha nesicelo sabo sokudlulisela phambili icala labo. Kube yinjabulo yodwa emndenini kaNkk Simangele Simamane noSbongakonke Mthembu (ababulawa) ngesikhathi inkantolo igweba odilikajele uSlindile Zamisa nendodakazi yakhe, u-Andile Zamisa ngamacala okuthumba, awokubulala nelokudukisa ingalo yomthetho. Ijaji ligwebe laba iminyaka ewu-5 ecaleni lokuthumba, udilikajele ecaleni lokubulala uNkk Simamane, neminyaka ewu-6 kwelokudukisa ingalo yomthetho. Ijaji libe selinikeza uSlindile omunye udilikajele ecaleni lokubulala uSbongakonke njengoba lokhu akwenza eyedwa. Uzobadonsa ngokwehlukana odilikajele bakhe.
NgoLwesine inkantolo ibigcwele amalungu omphakathi waseNewlands, lapho kwabulawelwa khona abafi, amanye awo abefake imifaniswano ye-ANC neyeSanco, eyokweseka umndeni wakwaSimamane. Phakathi kwabebehambele inkantolo, bekukhona noMnu Bonginkosi Kheswa owayenguthishanhloko eCastlehill Primary, lapho kwakufunda khona uSbongakonke ngaphambi, kokuba abulawe ngesihluku. Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uMnu Kheswa, uthi uzwa ubuhlungu obuyisimanga ngento abayenza njengoba babesola uMnu Simamane ngokufa kukaSbongakonke. Utshele leli phephandaba ukuthi waze wakhipha umyalelo wokuba bangabe besamvumela ukuba angene esikoleni njengoba wayejwayele ukufika ezobazisa ngokuqhubekayo ngecala.
“Sengixolisile kuMnu Simamane ngesenzo sami, sokuba ngikhiphe umyalelo wokuba angabe esangena emagcekeni esikole ngoba sasisola ukuthi uyathinteka ekufeni kukaSbongakonke. “Kodwa-ke sijabule ngoba ababulali sebegwetshiwe futhi yize sengathatha umhlalaphansi, kodwa ngizoxhumana nothishanhloko engamshiya ukuba kube nenkonzo yesikhumbuzo kaSbongakonke, sijabulele nokuthi ekugcineni sebenziwe ubulungiswa,” kusho yena. UNkz Simamane, ongumamezala kamufi, uthi yize engeke esabuya uSbongakonke nomakoti wakwakhe, kodwa ujabule kakhulu ngesigwebo esinikezwe ababulali.
Uthi kwesinye isikhathi ubehluleka nokulala ebusuku uma ecabanga indlela abebedelela ngayo ababulali enkantolo, bekhombisa nokungazisoli ngesenzo sabo. “Ngijabule kakhulu ngesigwebo. Kuzomele bafele khona ejele ngento abayenza. “Buzoke bufike nobuthongo sengazi ukuthi bazobhadla isikhathi eside ejele,” kusho yena. UMnu Siza Mthembu ongumfowabo kamufi aphinde abe ngubabekazi kaSbongakonke, uthe bengumndeni nabo bagculisekile ngesigwebo. “Mayelana nokubaxolela, kangiboni ukuthi ngiyokwazi, uma uNkulunkulu engijezisa ngalokho, sengiyokwamukela ngoba angiboni ukuthi kuyoke kwenzeke,” kusho yena.
skhom@ilanganews.co.za