Umama Webhantshi ubhece unina “kolwemali yegazi”

557

SKHOSIPHI MTHEMBU

UPHUME ekhihla isililo ebhokisini lofakazi ngoLwesibili unina kaNkk Nonhlanhla “Mama Webhantshi” Mbhele, uMaXolo, emuva kokumbheca ngecala, ethi imali ayeyithola ngeminye yemishwalense ayekhave ngawo ababulawa, wayidla naye.

UNkk Doris Xolo, uMaMbotho (65), uhlulekile wukuzibamba, wasikhihla ngesikhathi ummeli wendodakazi yakhe, uMnu Masibonge Mathomane, eqeda ukumphonsa imibuzo mayelana neminye yemishwalense eyayithathwe yikilayenti lakhe. Esephumele ngaphandle kwenkantolo, uze wahanjiselwa amanzi ngengilazi ehleli emabhentshini, ebonakala ukuthi umoya uphezulu. 

UNkk Mbhele ubhekene necala lokubulala uNkz Sussan Xolo ongudadewabo, elokubulala uMnu Nkosinathi Mthembu – ozalwa ngumngani wakhe ayekhonza naye -noMnu Thulani Cele owayengumlamu wakhe wakhe. Bonke laba kubikwa ukuthi wayebathathele imishwalense yokufa ebhange, bonke bafa ngokudutshulwa. 

NgoLwesibili, kungene ofakazi abahlukene, iningi labo bese bebuya isibili njengoba bekunezinto obekumele ziqinisekiswe kubona. Phakathi kwabo, nguMnu Andile Gasa onguyise wezingane zikaNkz Xolo (umufi) noMaMbotho. 

UMathomane uthe ikilayenti lakhe lithi eminye yale mishwalense unina wayazi ngayo, kangangoba enye ingxenye yemali ayeyithola, wayeyifaka kwi-akhawunti kaMaMbotho. 

Ebuzwa ngalokho uMaMbotho, uvumile ukuthi uNkk Mbhele wayeke ayithumele imali kwi-akhawunti yakhe, kodwa abuye ayicele emuva kwezinsuku ezimbili. Uthe wayengazi ukuthi le mali iphumaphi.

Icala lihlehliselwe uMasingana (January) lapho kulindeleke ukuba abammangalelwa baziphendulele. skhom@ilanga-news.co.za 

Previous articleEkaNtencane ihlose ukuziqophela umlando kowamakhwaya
Next articleI-NFP enengqungquthela kayifuni ukushaywa yinduku eyodwa kabili