Bekulindeleke ukuthi ngoLwesibili kuqulwe icala lakhe kodwa lahlehla
SKHOSIPHI MTHEMBU
UFAKE isicelo esingajwayelekile enkantolo umsolwa, ecela kwijaji ukuba aphelezelwe ayiswe ebhangi ngoba ufuna ukukhipha imali yakhe ukuze kuzodla izingane zakhe, akhale ngokuthi zilambile. UNkk Nonhlanhla Mbele, uMa-Xolo, “umama webhantshi” no-Mnu Mthofi Msipha bebevele eNkantolo eNkulu, eThekwini ngoLwesibili, ngamacala okubulala, ukhwakha itulo lokubulala nelokukhwabanisa ababhekene
nawo. Isicelo sakhe siphoqe umshushisi u-Adv Nadira Moosa, ukuba enze izinhlelo nebhange ukuthi lize ezitokisini ukuze alekelelwe. UNkz Mbele ongumsolwa wesilibili ubhekene namacala okubalwa nelokubulala udadewabo uNkz Zandile Suzan Xolo ngenhloso yokuzuza imali yomshwalensi ayemkhave ngawo.
Ubekhava abantu abasondele naye, uma sekuvuthwe umshwalensi akukhave ngawo, ubeqasha inkabi ukuba iyokubulala, ayikhokhele imali. Kuthiwa ubekwenza lokhu esizwa nguMnu Msipha okunguyena obemtholela inkabi ezokwenza umsebenzi Kumangale abaningi enkantolo ngesikhathi efaka lesi sicelo. ILANGA labika kabanzi ngalolu daba kusukela ngo-2020 ngesikhathi kuboshwa uNkk Mbele ngezinsolo zetulo lokubulala amalungu omndeni wakhe nabasondelene naye. Ababulawa kulesi sigameko, nguNkz Xolo, uMnu Thulani Cele kanye noMnu Thamsanqa Mthembu, owayezalwa ngumngani wakhe abakhonza naye ebandleni lamaAfrika. Kuvele ukuthi uNkz Nosipho Mdlalose, wasindiswa wukuthi izinkabi zamfica ephethe ingane ngosuku ayezobulawa ngalo.
Kuthiwa waphinde wazama ukubulala abesifazane abayizelamani uNkz Sthembile noNkz Nonkululeko Hadebe, wehluleka. Bonke laba kubikwa ukuthi uNkk Mbele wayebathathele umshwalense ebhange lwakwaCapitec, owawuzokhokha uR50 000 umuntu ngamunye, kodwa inkokhela iphindeka kabili uma okhaviwe eshone ngengozi noma ngesikhali. Ngesikhathi bevele enkantolo abasolwa, bekulindeleke ukuba kuqale ukuqulwa kwecala labo kodwa labuye lahlehliswa uNkz Mbele, wabe esefaka isicelo sokuba aphelezelwe aye ebhange. Umshushisi uthe akuwona msebenzi wojele ukuba bamphelezele ummangalelwa njengoba esalinde ukuqulwa kwecala engakagwetshwa, lokhu kungenziwa ngamaphoyisa.
Ijaji uMnu G Lopes, liphakamise ukuba ummeli kammangelwa uNkz Zeera Fareed ongowakwa-Legal Aid, axhumane nomphenyi wecala ukuze bahlele lokhu. UNkk Mbele ube esevezela inkantolo ukuthi ngeke akwazi ukuhamba nomphenyi wecala ngoba ngesikhathi embopha, wathatha ikhadi lakhe lasebhange, wabe esemsola ngokuthi wakhipha imali kulona. Lokhu umshushisi ugcine ekuchithile wavezela inkantolo ukuthi yindodana yakhe uNkk Mbhele eyakhipha imali kanye nonina futhi sikhona isitatimende esibhalwe yiyona indodana ikuqinisekisa lokhu. NgoLwesibili ekuseni, umshushisi ube esetshela inkantolo ukuthi usehlelile nabasebhange ukuba baye kuNkk Mbele esitokisini ukuyomlekelela ngalokhu akudingayo, ngakho ngeke sisaba khona isidingo sokuba aphelezelwe aye ebhange.
skhom@ilanganews.co.za