“Umama weBhantshi” usola umndeni wakhe ngokumqambela amanga ngemishwalense yabafi

146

SKHOSIPHI MTHEMBU

UQHUBEKILE nokuninda amalungu omndeni wakhe, wathi ayazi ngemishwalense yokufa ayeyithathela izihlobo zakhe, uNkk Nonhlanhla “Mama Webhantshi” Mbhele, waKwa-P, eMlazi, obhekene namacala okubulala izihlobo ngoba efuna ukukhokhelwa imali ayezikhave ngawo. 

UNkk Mbhele ukwenze lokhu ngoLwesithathu ngesikhathi egibele ebhokisini lofakazi eNkantolo eNkulu yaseThekwini, njengoba kuqhubeka ukuqulwa kwamacala abhekene nawo okubulala. Kula macala uboshwe noMnu Mthofi Msipha, okuthiwa nguyena owayemtholela izinkabi ezabulala abafi. UNkk Mbhele ubhekene namacala okubulala udadewabo omncane uNkz Susan Xolo, owadutshulwa ngentululwane yezinhlamvu esendleleni ebheke emsebenzini; uMnu Thamsanqa Mthembu owayezalwa ngumngani wakhe ayekhonza naye ebandleni lama-Afrika kwa-Q khona eMlazi, naye – owabulawa ngokudutshulwa – uMnu Thulani Cele owayengumyeni kadadewabo, naye owabulawa ngokudutshulwa. 

Ubhekene namanye amacala amathathu okwakha itulo lokubulala ezinye izihlobo nawokukhwabanisa. 

Ngesikhathi ebuzwa ngummeli wakhe, uMnu Masibonge Mathomane, ngomshwalense awuthathela udadewabo, uthe lokhu wakwenza ngemuva kokuba kuvumelane amalungu omndeni, yize wayengasebenzi. Uthe unina wayazi ngawo, kangangoba nangesikhathi sekubulewe udadewabo, wahamba naye ukuyofaka isicelo sokukhokhelwa. 

Uthe eseyitholile imali, wayithumela kodadewabo namanye amalungu omndeni ukuze bezokwenza amalungiselelo omngcwabo. Uveze ukuthi umshwalense kaMthembu wawuthatha ngoba ecelwe ngunina – owayengumngani wakhe – ukuba ngoba yena wayedonsa kanzima nomndeni wakhe, futhi ekhala ngokuthi izingane zakhe ziwuhlupho. 

Utshele inkantolo ukuthi wayekade eye kunina kaMthembu emuva kwesigameko lapho ashaywa khona wumphakathi, umsola ngokugqekeza komumye umuzi. Lokhu kushayisanile nakusho esephonswa imibuzo ngumshushisi, uNkk Nadira Moosa. 

Ngesikhathi esebuzwa ngumshushisi, utshele inkantolo ukuthi unina kaMthembu wamcela ukuba amkhavele indodaba yakhe ngesikhathi bekomunye umngcwabo kwaM, khona eMlazi. Umshushisi utshele uNkk Mbhele ukuthi isizathu esenza akhulume izinto ezishayisanayo yingoba uqamba amanga. 

UNkk Mbhele utshele inkantolo ukuthi bonke abantu ayebathathele umshwalene, imindeni yabo yayazi. Uthe uMnu Welcome Mbatha, ongomunye wofakazi, owaveza ukuthi uMsipha wazifuna kuyena izibhamu zokwenza umsebenzi wokubulala izisulu, akamazi futhi uqale ukumbona ngesikhathi eyofakaza enkantolo. 

Utshele inkantolo ukuthi indodana yakhe eyethula ubufakazi – yaveza ukuthi wayehlangana noMsipha njalo uma kukhona obulewe kulaba
ayebathathele ushwalense – lokhu ibikwenza ngoba inengcindezi ngenxa yokuthi amaphoyisa ayishaya kanzima ngesikhathi eboshwe nayo. 

Uthe yesatshiswa ngamaphoyisa ukuthi izoboshwa, yingakho ibimqambela amanga. 

Icala liyaqhubeka. 

skhom@ilanganews.co.za

Previous articleI-NFP isilinde impendulo ye-IFP ngoMasipala waseZululand
Next articleUkhala ngokusengelwa phansi wumasipala owesifazane odlelwe impahla